Bazothathelwa izinyathelo omasipala abayisa emphakathini amanzi angcolile.
Lokhu kuhlaluke engqungqutheleni yezinsuku ezimbili yoMnyango waManzi nokuThuthwa kweNdle, eKempton Park, eGauteng.
Lapha bekudingidwa futhi kuzanywa ikhambi lokuphucula indlela izinkampani zikahulumeni, Water Service Authorities, ezinikezela ngayo amanzi asesimweni esamukelekile ngaso sonke isikhathi.
UNgqongqoshe walo mnyango uMnuz Senzo Mchunu, ube namagama aqinile awabhekise ezimeyeni ebezithamele ingqungquthela.
Uchaze isimo esingesihle esibhekene nezwe mayelana namanzi, wathi asibekezeleleki.
“Kuzona zonke izinhla zikahulumeni, kuyinto eyaziwayo ukuthi omasipala abenzi kahle. Ngenxa yokuthi ayikho imeya yamanzi nokuthuthwa kwendle, yimina okumele ngingenele, ngithwale ijoka ngomsebenzi okumele ngabe wenziwa yinina,” kusho uMchunu.
UMchunu uthe uma izimenenja zomasipala, izimeya, umqondisi-jikelele emnyangweni wakhe naye uqobo behluleka ukuthola isisombululo enkingeni ekhona, balengela eweni lokuthi babhekane nomthetho.
Uthe ukuzithela ngabandayo kwabaholi komasipala, kwenza yena athwale isiphambano ngezinkinga ezisuke zikhona.
Ube eseyalela ukuthi kube nezinyatheko ezinzima ezizothathelwa abasebenzi abangawenzi umsebenzi abasuke bebekelwe wona, kuhlanganisa nabasemnyangweni wakhe.
Iphini likaMchunu, uMnuz David Mahlobo, lithe inkinga enkulu iphathelene nobuholi.
“Kunabaholi abavele bathathe isinqumo sokuthi bangenzi lutho nje. Namhlanje abaholi baphuza amanzi athengwayo asemabhodleleni. Kumele ngabe nishaywa ngamahloni, ukuthi uma kwanina ningawathembi amanzi aphuma empompini, myalezo muni eniwuthumelayo,” kusho uMhlobo.
Ngonyaka owedlule iKhomishini yamaLungelo abaNtu yakhipha umbiko odweba isithombe esimbi mayelana nomasipala, okukhona kubona nabaKwaZulu-Natal, okuthiwa banikezela ngamanzi angekho esimweni esifanelwe ukusetshenziswa abantu.
UMchunu ube eseba nochungechunge lwezimbizo, kuhlanganisa neyayiseThekwini eMlaza ngonyaka owedlule elalela izimvo zabantu.