SIMPHIWE NDWANDWE
AMACIKO aKwaZulu-Natal avutha amalangabi ngomdwebo owumfanekiso kaMengameli Jacob Zuma la ebonakala kuvele ubuntu bakhe obala.
Lo mfanekiso ophanyekwe odongeni lwesikhungo sobuciko iGoodman Gallery eGoli usunyakazise izwe lonke.
UMnuz Dumisani Goba, ongumsunguli wemiklomelo yamaciko nabaculi bowesintu ama-Satma, uthe kuzophuma nesinedolo ngoMgqibelo lapho behlele khona ukhukhulelangoqo wemashi yokukhombisa ukungahambisani nalo mdwebo.
Uthe bafuna ukuthumela umyalezo oshubile kulabo ababonakala befuna ukuphazamisa ubumbano kubantu bakuleli.
“Noma ngabe sesicishiwe isithombe, noma inkantolo yathi asilahlwe kodwa sizoqhubeka nemashi yethu ngoba sifuna izwe lazi ukuthi lokhu akufanele kuphinde kwenzeke.
Ngisho ngabe amaciko anelungelo lokudweba akuthandayo kodwa lo mfanekiso siyawugxeka, sithi akekho umuntu onelungelo lokwenza umfanekiso kamengameli wezwe aze aveze izitho ezifihlekile. Leli lizwe alisasidingi isimo lapho kuzophakanyiswa khona imimoya yabantu,” kusho uGoba.
Uthe bahlaba ikhwelo kubaholi bamazinga ehlukene lokuba yingxenye yale mashi ezoqala eKing Dinuzulu Park, edume ngelikaBotha, iyophelela ehholo ledolobha eThekwini.
“Simema amaciko, bonke abantu abakhele iTheku jikelele, abezenkolo nabamasiko, amabutho nezintombi ukuba baphume ngezinkani ukuzokhuza le nto engabuyisela leli lizwe emuva,” kugcizelela uGoba.
UGoba uthe ngale mashi kuhloswe ukuthi kuthunyelwe umyalezo nakubaculi ukuthi baqaphele uma benza ama-video omculo wathi ngisho nezinhlamvu zezingoma zabo kufanele zibhekisiswe ukuthi ngeke yini zisuse uhlevane.
Abazobonakala kule mashi ngoMfiliseni Magubane noPhuzekhemisi kanye noMbongeni Ngema.
UMagubane uthe ukubona kubalulekile ukuthi naye abe kule mashi ngoba uthukuthele uyaveva ngalo mdwebo ohlambalaza uMengameli Zuma.
“Uma kuthiwa lo mdwebi unelungelo lokudweba noma yini ayithandayo njengeciko kungani engadwebi umkakhe enqunu athathe isithombe sakhe ayosiphanyeka obondeni lwase-Gallery sibukwe yizwe lonke? Uma ngabe lo mdwebo bekungokaMnuz FW de Klerk noma uMnuz PW Botha edwetshwe umuntu omnyama ngabe kube nokukhuluma okunzima,” kusho uMagubane.
Ukhale ngokuthi umthetho wakuleli lizwe uyaxega yingakho abantu bezenzela umathanda. UGoba uthe kule mashi kuzobe kukhona nabe-Cosatu.