BAGWETSHIWE kwadliwa nemoto ababehamba ngayo abalisa abalahlwe yicala lokutapa inyama ngesikhathi sezibhelu ezaqubuka ngo-2021. Abantu bavuka umbhejazana batapa impahla ezitolo emuva kokuboshwa kowayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, elahlwe yicala lokwedelela inkantolo.
Inqwaba yabantu emuva kwalokho yaphenywa yaboshwa kanti abanye bahamba izinkantolo kumanje. INkantolo yesiFunda eThekwini igwebe uMduduzi Buthelezi (52), Siphelele Mazibuko (22), Mandla Ngcobo (59), John Thobela (46) noSabelo Shandu (23) izigwebo ezehlukene.
Bonke balahlwe amacala okutapa isitolo i-Ayoba Cold Storage eChesterville, eThekwini, eyaze yashiswa ingxenye yayo. UButhelezi, uNgcobo noThobela bagwetshwe iminyaka engu-10 ejele, uMazibuko noShandu bagwetshwa iminyaka emihlanu. Kuvele nokuthi uphiko oludla impahla luthole imvume yenkantolo ukuthi lushaqe iveni kaThobela eyasebenza ngesikhathi betapa.
UMnuz Luthuli (elingatholakalanga igama lakhe) ongumnikazi wendawo abatapa kuyona, kuthiwa wayethenga inyama eBrazil bese eyidayisela izitolo ezehlukene. Emuva kokuthi betapile, amaphoyisa ayephume umkhankaso amisa izimoto esesha. Amisa nayo iveni lishayelwa omunye wabalahlwe yicala.
Kuvele ukuthi imoto yayinyinyitheka amabhokisi angu-60 enyama kanti abanye abalahlwe amacala babeqhwakele phezu kwamabhokisi enyama. Abalahlwe amacala baboshwa bayiswa esiteshini samaphoyisa namabhokisi abo nokuyilapho umnikazi wawo, uMnuz Luthuli, awahlonza khona ngenxa yokuthi ayenamalebuli aseBrazil acacile.
Ngesikhathi kuqulwa icala, uLuthuli walandisa inkantolo ngokuthi ukwebiwa kwempahla kwamlahlekisela ngezigidi zamaRandi, kuze kube manje akakaze akwazi ukuyibuyisa.
Okhulumela abezokushushisa KwaZulu-Natal, uNkk Natasha Ramkisson-Kara, uthe lokhu kuwubufakazi bokuthi bazimisele kanjani ukuthi izigebengu zibhekane nengalo yomthetho.
“Siyethemba ukuthi izigwebo zizofeza inhloso yokukhiswa kwazo futhi siyabonga kakhulu ethimbeni labashushisi nabaphenyi elisebenze ngokuzikhandla,’’ kusho uNkk Ramkisson Kara.