ABAMANGALELWA ecaleni lokufa komdlali weKaizer Chiefs, uLuke Fleurs, bathi isono sabo wukucosha imoto yalo mdlali eyayilaxazwe esigangeni.
Abamangalelwa abayisithupha bebevele eNkantolo yeMantshi eRoodepoort lapha abafaka khona isicelo sabo sebheyili. Abamangalewa ngoMnuz Ndumiso Mswane, Fernando Siva, Nhlakanipho Dlamini, Franky Xaba, Meredi Mphahlele noThembinkosi Hlomikhawu.
Ukufa kukaFleurs kwashiya abaningi bethuthumela bebabaza isihluku sezigebengu ezicanasayo eNingizimu Afrika.
UFleurs obeneminyaka engu-24, wabulawa ebanjwa inkunzi, waphucwa imoto eHoneydew, eGauteng ngenyanga edlule. Wathelekelwa amadoda thizeni endaweni yokwetha uphethroli amphuca imoto ase emdubula wagcina ngokushona.
UMnuz Ingrid Mainule, omele abamangalelwa owokuqala, owesibili nowesithathu wethule udaba lwabo enkantolo ebacelela ibheyili. Uthe amakhasimende akhe athi awazi ngokubanjwa inkunzi nokufa komdlali.
Uthe amakhasimende akhe awakaze alahlwe ngamacala phambilini ngaphandle kommangalelwa wesithupha uHlomikhawu. Phambili uHlomikhawu walahlwa yicala lokugqekeza ngenhloso yokweba wagwetshwa iminyaka emine.
UHlomikhawu kuthiwa waphinda walahlwa elinye icala elifanayo ngo-2017 wagwetshwa iminyaka emibili ebhadla ejele. Abamangalelwa bacele ukuthi inkantolo ibadedele ngebheyili kaR1000 kanti imindeni yabo izokwazi ukubakhokhela uma bededelwa.
Abamangalelwa baboshwa eSlovoville, eSoweto, emuva kokuthi betholwe nemoto kamufi icwiyiwe. Amaphoyisa ebambisene nezinye izinhlaka babathelekela abamangalelwa emuva kwesikhashana bebazingela.
Kulindeleke ukuthi isicelo sebheyili sabamangalelwa siqhubeke namuhla enkantolo njengoba bekufanele kuyoqinisekiswa imininingwane ethile ngabo. UMbuso uyasiphikisa isicelo sabo sebheyili.