UMPHAKATHI waseMgobhozini, ngaseMgababa, obudinwe uthelwa ngamanzi ngenxa yokungazitholi izidingo, uvimbe ikhansela lawo langakwazi ukungena emahhovisi ngoLwesibili. Lo mphakathi ufunge wagomela ukuthi angeke lingene ikhansela emahhovisi ungakayitholi impendulo eqondile yokuthi amanzi nogesi, osekubahluphe iminyaka, kuzolungiswa kanjani indaba yakho.
Kusize ukufika kwesikhulu esivela ehhovisi likasomlomo ukuzothatha uhlu lwezikhalazo nakuba umphakathi ugcine uhlakazekile. Isikhulu esemukele uhlu lwezikhalazo sitsheliwe ukuthi uma kuphela izinsuku eziyisikhombisa zingabuyi izimpendulo ezigculisayo, isimo singahle sishube. Ilungu lomphathi ebeliyingxenye yabangeneme, uMnuz Mayihlome Fakude, lithe bakubone kufanele ukuthi balivimbe ikhansela ukuthi lingene emahhovisi ngoba bona abazitholi izidingo.
Phakathi kwazo uthinte udaba lwamanzi.Uthe akhona amaloli awalethayo, awathele kojojo abathathu kodwa afika kanye emavikini amabili.
“La manzi awenele. Asheshe aphele. Asisabadingi ojojo ngoba sinawo amapayipi nezindawo zokugcina amanzi ezine. Amanzi ayephuma kudala eminyakeni engu-10 eyedlule kodwa abuye anqamuka,” kusho uFakude.
Uveze ukuthi baye bathi uma bebuza ukuthi konakalaphi ngamapayipi, bathenjiswe izimpendulo ezizolethwa uma sekukhulunywe nabasingethe ezamanzi.
“Kugcina kuphela kanjalo. Uma sizibuzela thina kwabasemanzini, bathi asibuze ekhanseleni lethu. Sekuphele iminyaka engu-6 sisebenzisa labo jojo,” kusho yena.
Uthe bathembela kwabanezimoto abahamba bayokha kompompi abasebhishi eliseduze. Uthe abanye baqasha amaveni ukuze bathole amanzi bese kuthi abadla izambane likapondo bawathenge ezitolo noma bawakhe nasemfuleni osendaweni, angahlanzekile noma basizwe yimvula. Uthe bafuna kubhekwe amapayipi abo ukuthi inkinga ikuphi, bavulelwe amanzi ngoba izindawo ezingomakhelwane azinayo inkinga.
“Asisabadingi ojojo,” kusho yena.
Elinye ilungu lomphakathi, uMnuz Mbhasobhi Mkhize, lithe imigwaqo yabo mibi ngendlela exakile.
“Uma kukhona umuntu otetayo noma ogulayo, kudingeka ukuthi umphakathi uzibonele ukuthi uya kanjani emgwaqweni omkhulu lapho kugcina khona i-ambulensi,” kusho uMkhize.
Uthe ngisho nabamatekisi babashiya kude.
“Kade siyikhuluma le nto. Bayawuhwaya kodwa bangayifaki inkwali. Manje esikufunayo itiyela, asisafuni nakuyizwa eyenkwali,” kusho yena.
Lithintwa ikhansela, uMnuz Arthur Jokweni, lithe liyakuqonda ukuthi umphakathi kwesinye isikhathi uyakukhiphela ukudinwa kwawo kumuntu osuke engumholi.
“Okwakho njengomholi ukuthi ulalele izinkinga zabo bese uzama indlela yokuzixazulula,” kusho uJokweni.
Ephawula ngamanzi, uthe inkinga enkulu le ndawo ebhekene nayo ukuthi ingqalasizinda yamanzi yakhiwa ngesikhathi indawo isenemizi elinganiselwa ku-50.
Wenze isilinganiso sokuthi kukhona ngisho nabakhe izitezi. Wathi ezinye izakhamuzi zizidonsele amanzi emapayipini ngendlela engafanele.
Ethinta olomgwaqo, uthe nalo luyadingidwa, wabeka ukuthi eminye yemigwaqo abakhulume ngayo ingekamasipala, eminye ingeyoMnyango wezokuThutha.
“Siyaxoxisana ukuthi kube khona ukusebenzisana phakathi kwalezi zinhlaka ukuze kubonakale ukuthi umphakathi ungasizwa kanjani,” kusho yena.