I-ANC KwaZulu-Natal isola umhlaziyi wepolitiki, uMnuz Xolani Dube, ngokugovuza abantu ababhikishe ngaphandle komuzi kaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube.
I-ANC KZN ithe ubuhlelwe nguDube umbhikisho obusemzini kaNkk Dube-Ncube, lapho kuthiwa kusongelwe khona umndeni wakhe.
Lo mbhikisho uhanjelwe ngamalungu eqembu Umsinsi wokuZimilela abefuna ukwazi ukuthi yini uNkk Dube-Ncube aseyenzile kusukela angene esikhundleni ngonyaka owedlule.
Umbhikisho obusebusuku ngoLwesihlanu, ugxekwe nanguMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa.
Esitatimendeni, uRamaphosa uthe uNkk Dube-Ncube nomndeni wakhe banamalungelo ashicilelwe emqulwini wamalungelo abantu abanikeza igunya lukuba kuvikelwe izithunzi zabo, baphinde bavikelwe kunoma yiziphi izenzo zodlame.
“La malungelo kufanele ahlonishwe ngaso sonke isikhathi. Ababhikishi kufanele basebenzise izindlela ezisemthethweni ukuzwakalisa izikhalazo zabo.”
URamaphosa uphinde wakushayela ihlombe ukujutshwa kophenyo oluzobheka lesi sigameko. UNobhala we-ANC KZN, uMnuz Bheki Mtolo, uthe ngeke besamthatha njengomhlaziyi wezepolitiki uDube, kepha wathi bazomthatha njengelungu le-ANC elidiniwe.
“Usebenzisa noma ngabe iliphi ithuba alitholayo ukulwa ne-ANC. Kusobala vele ukuthi ngeke akwazi ukuhlaziya ngokungachemi ngoba vele uyidinelwe i-ANC.”
UMtolo uthe kuyinto eyaziwayo ukuthi uDube nguyena owasungula Umsinsi wokuZimilela.
UMtolo uthe bekungekhona okokuqala uDube ehlela umbhikisho walolu hlobo, wabalula umbhikisho wamalungu oMsinsi wokuZimilela owawulapho kwakubanjelwe khona umhlangano weKhabhinethi yaKwaZulu-Natal ngonyaka owedlule.
“Kulo mbhikisho babephume iqhulu nowayengundunankulu futhi aphinde abe usihlalo we-ANC esifundazweni, uMnuz Sihle Zikalala. Bamchapha ngezinhlamba.”
UMtolo uthe ayikho into ehlanganisa izingane zikaNkk Dube-Ncube nezinqumo ezithathwa uhulumeni, wathi ababhikishi abahambe beyobhikisha ezakhiweni zikahulumeni. Ubuholi be-ANC Women’s League esifundeni iTheku nabo bukhwele badilika kuDube.
Umgqugquzeli wethimba lesikhashana elihola i-ANCWL eThekwini, uNksz Mpume Mabaso, uthe bafuna ukuthi abamthetho bathathele uDube nababhikishi izinyathelo.
“Le mashi engekho emthethweni ebibhekiswe ekhaya lomholi wesifazane ongumfelokazi iyinkomba yezinkinga ezibhekene nabaholi besifazane.”
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaDube ayizange iphumelele njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa, futhi akazange awuphendula umyalezo awuthunyelwe.
AboMsinsi wokuZimilela banqabile ukuphawula.