USASHAQEKILE umphakathi waseWembezi, eMtshezi, KwaZulu Natal, emuva kokubulawa ngesihluku kowesifazane, maqede waphonswa emhosheni.
UNksz Zandile Dladla (31) utholwe ngeSonto, emhosheni khona endaweni, enamanxeba okugwazwa. Kubikwa ukuthi ubulawe ngoMgqibelo, ebusuku esendleleni eya ekhaya evela emcimbini. Kusolwa ukuthi umufi udlwenguliwe ngaphambi kokuthi abulawe njengoba etholakale enqunu, izimpahla zangenzansi zingekho.
Umndeni kamufi uthe usashaqekile ngesigameko sokubulawa ngesihluku kwendodakazi yawo. Uninalumekazi kamufi, uNkk Vicky Dladla, uthe basadidekile ngokwenzekile.
“NgeSonto, sithole ucingo oluvela emsebenzini wakhe, bebuza kuthi kukhona yini inkinga anayo njengoba engafikanga emsebenzini?
“Sibe sesizama ukumthinta ocingweni lwakhe sangamthola. Kuthe ngezithuba zabo 4 ntambama, ngalo iSonto, sathola ucingo lusazisa ukuthi kunomuntu obonakala emhosheni oshonile.
“Sibe sesinikela khona samfica enamanxeba okugwazwa kanti sisola nokuthi udlwenguliwe ngaphambi kokuthi abulawe njengoba simfice enqunu engagqokile. “Azikho izimpawu ezikhomba ukuthi ubulawelwe lapho esimfice khona,” kubeka uNkk Dladla.
Eqhuba, uthe umufi ushiye emhlabeni abantwana ababili, omdala oneminyaka engu-12 kanti omncane uneminyaka eyisishiyagalolunye. Uphinde wanxusa umphakathi nanoma ngubani ongaba nolwazi, ukuthi asebenzisane namaphoyisa ukuze kuzotholakale abenzi bokubi, nabo bathole izimpendulo ngokubulawa kwendodakazi yabo.
Ikhansela lendawo, uMnuz Mondli Madinane, lizwakalise ukushaqeka ngalesi sigameko esenzeke endaweni.
“Ziyathusa ngempela izigameko ezinjena. Nomphakathi usashaqekile futhi usathukile ngokwenzekile. NgeSonto, ngithole izindaba zokuthi kunowesifazane osebulewe wabekwa onqenqemeni lomfula.
“Umufi ubonwe ngabantwana abebedlula ngendlela, okuyibona abahlabe umkhosi. Sizocela umphakathi ukuthi siyokhuleka endaweni yesigameko bese sidlulela ekhaya kwaDladla.
“Okwamanje sisazama izinhlelo zokuxhasa umndeni ngezinhlelo zomngcwabo,” kusho uMadinane.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe likhona icala elivuliwe lokubulawa kowesifazane eWembezi. Uthe kusaphenywa.