KUKHONJWA ukubhoka kombango nobuqembuqembu njengento eholele embhikishweni kwaze kwachithwa indle ebhilidini likaMasipala waKwaDukuza lapho bekufanele kukhethwe khona iphini lemeya.
Izolo, bekulindeleke ukuthi amakhansela omkhandlu waKwaDukuza akhethe iphini lemeya kuvalwe isikhala sikaMnuz Thulani "Mbazo" Ntuli owawa washona esemsebenzini ngoMashi nonyaka.
Ukushona kukaNtuli kwashiya abaningi beshaqekile ngoba kuthiwa kwenzeka ngendlela ethusayo neyayingalindelekile. Kuthiwa kufike iqulu labantu beqiqinge indle ngezijumbana abanye befake izikibha ze-ANC ngaphansi kwamajakhethi bafika bayisaphaza.
UMasipala waKwaDukuza usezandleni ze-ANC eyakwazi ukuwubuyisa emuva kokhetho lohulumeni basekhaya ngo-2021. Isikhundla sephini lemeya sithathwa njengesinye esinamandla nesihlonishwayo. Osuke ekhethiwe ngalelo langa ulala esewumhlonishwa etatanyiswa abaqaphi ngezimoto zezinga eliphezulu.
Bekulindeleke ukuthi kukhethwe uMnuz Sicelinjabulo Cele, oyikhansela kulo mkhandlu nokunguyena ophakanyiselwe esikhundleni.
Umthombo weSolezwe olwazi kahle udaba, uthe bekungangeneki indle inuka ivimbanisile icakazwe yonke indawo. Umthombo ucele ukuthi ungadalulwa nangengozi ngoba usaba ukwelekwa ngesoyi ngendlela isimo esishube ngayo.
Kuphoqeleke ukuthi uhoxe umhlangano kubhekwe lolu daba. Umthombo uthe inkinga idalwe wukuthi kunombango wesikhundla sephini lemeya.
Umthombo uthe kunezinhlangothi ezibangayo ezisiconsela amathe lesi sikhundla.
“Kuphakanyiswe abantu abathile baya kwinhlolokhono ebiphethwe ezingeni le-ANC kuzwelonke. Kwabuya igama lalowo ophume phambili. Kuthe sekufanele ayokhethwa emkhandlwini, kwasuka umsindo kodwa vele kwehlukenwe kakhulu ngaphakathi, kuyabangwa,’’ kuqhuba.
Isigameko sokuchithwa kwendle bekungesona esokuqala kuMasipala KwaDukuza njengoba nango-2020 yake yachithwa kuvinjwa umhlangano wokukhetha imeya.
Okhulumela uMasipala waKwaDukuza uMnuz Sifiso Zulu, uqinisekisile ukuphazamiseka komhlangano kodwa wathi udaba lusabhungwa wubuholi.
“Okwamanje angikwazi ukukhuluma kakhulu ngalolu daba ngoba abaholi basalusebenza. Kuyothi uma sebeqedile siyozwa ngabo ukuthi sesingaxhumana yini nabezindaba,’’ kusho uZulu.
UNobhala we-ANC esifundeni iGeneral Gizenga Mpanza, uMnuz Siphesihle Zulu, uthe ngeke babubekezelele ubudlova. UZulu uthe nakuba bengakabahlonzi laba abenze lokhu kodwa bayabazingela.
“Abukho ubudlova obuzophazamisa umsebenzi we-ANC esifundeni. I-ANC icikeke kakhulu ngesenzo sobuqaba abantu bephazamisa umhlangano obekufanele kukhethwe kuwona iphini lemeya. Siyanxusa ngokuzayo ukuthi kuqiniswe ezokuphepha emhlanganweni olandelayo,’’ kusho uZulu.