ISIBHEDLELA i-OR Tambo Memorial, kasizamukeli ezinye iziguli kuze kukhucululwe wonke umonakalo odaleke ngesikhathi kuqhuma igesi elolini ebelisemgwaqweni eBoksburg, kwalimala nabasebenzi besibhedlela.
Iloli ebelithwele igesi ngoMgqibelo, kuthiwa lashayisa ibhuloholo eliseduze nesibhedlela yaqhuma, isisi sayo esihambisana nomlilo sasakazeka ibanga elingamamitha angu-500, kwalimala nabasebenzi basesibhedlela, kwasha nemizi eseduze kwebhuloho.
UDkt Mvuyisi Mzukwa, wenhlangano yodokotela iSouth African Medical Association (Sama), uthe ezinye iziguli ebezilaliswe esibhedlela zithuthelwe kwezinye izikhungo zezempilo njengamanje ngenxa yokuthi isibhedlela asizemukeli iziguli ezintsha.
Kushone abantu abangu-18 ngemva kwesigameko okubalwa abahlengikazi, abacisha umlilo, izingane neziguli, kwalimala abangu-24.
UMengameli wakuleli uMnuz Cyril Ramaphosa, uzwakalise ukuzwelana nemindeni elahlekelwe yizihlobo esigamekweni, wafisela abalimele ukululama okusheshayo.
Esitatimendeni asithumelele abezindaba, uRamaphosa uthe: "Kubuhlungu ukuthi inhlekelele enjengale yenzeke ngalesi sikhathi sonyaka esaziwayo ukuthi yisikhathi sokuthi imindeni ibe ndawonye.
“Siyacela umphakathi ukuthi ukhombise ukubambisana nozwelo. Abasebenzisa imigwaqo baqaphele."
Isitamimende siqhuba sithi umshayeli weloli uboshelwe icala lokubulala ngokungenhloso. UMnyango wezeMpilo kuzwelonke nowesifundazwe ngokubambisana basahlola ukuthi ungakanani umonakalo owenzeke esibhedlela.
"UMasipala waseKurhuleni usuqalile ukususa amalungu emindeni ashelwe yimizi ngesikhathi kuqhuma igesi.
“Njengohulumeni siyazama ukuletha usizo kubo bonke abathinteke enhlekeleleni. Yize kunjalo, kumele sizifundise ukuthi kubalulekile ukuyigwema inhlekelele," kusho isitatimende.