BAZOYIKHOTHA imbenge yomile abasabisa ngodlame, abavala imigwaqo, abacekela phansi ingqalasizinda, abasabalalisa izinto ezigqugquzela udlambedlu ezinkundleni zokuxhumana nolwazi olungelona ngokhetho lukazwelonke olungenyanga ezayo.
Lesi sexwayiso sikhishwe yithimba longqongqoshe ababhekelele ukuphepha njengoba ngoMeyi 29, kuzovotwa okhethweni lukazwelonke nolwezifundazwe.
UNgqongqoshe wezokuVikela uNksz Thandi Modise, uxwayise ngokuthi bazoboshwa abazophazamisa ukhetho nabazophambana nomthetho ngokucindezela ilungelo labantu bakuleli.
Uveze ukuthi abantu banelungelo lokukhululeka, ukuphepha nokuthi amalungelo abo angacindezelwa.
“Abazophambana nemigomo ebekiwe ngalesi sikhathi bangazithola sebegwetshwa iminyaka engu-30 bebhadla ejele. Sinxusa umphakathi ukuthi ungalusabalalisi ulwazi ongenabo ubuqiniso ezinkundleni zokuxhumana ngoba bazoba senkingeni.
“Nalabo abahlose ukudida abavoti bazoba senkingeni,” kusho uNksz Modise esithangamini sabezindaba ePitoli, izolo.
Uthe amaphoyisa azobafuna aze abathole labo abacabanga ukuthi bazosabalalisa izinto becasha ngezinkundla zokuxhumana.
Unxuse nabaholi bamaqembu ngokuqaphela abakushoyo, bangakhulumi izinto ezizokwenza kube nabaphula umthetho.
Umphakathi unelungelo lokuthi ubhikishe kodwa lokho kumele ukwenze ngokuthula, kungacindezelwa ilungelo labanye..
Uveze ukuthi uhlaka iNATJOINTS, lizobhekana ngqo nanoma yiluphi udlame olungase luqubuke.
“Sizoqapha izikhungo nengqalasizinda ebalulekile yokuvota nanoma iyiphi enye izigebengu ezingadlalela kuyona.
“Umphakathi awubike noma yimaphi amacala athinta ukhetho noma udlame eziteshini zamaphoyisa noma emahhovisi ekhomishini yezoKhetho,” esho.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele uveze ukuthi zingu-500 izikhungo zokuvota abazoziqapha ngelokhozi.
Uthe lezi ziteshi zisabalele ezifundazweni ezahlukene okubalwa iKwaZulu-Natal, Mpumalanga nakwezinye izindawo.
UCele uthe basebenzisana neKhomishini yezoKhetho eziteshini zokuvota ezingu-23 700.
“Sizoqapha yonke indawo bese sigxila kulezi ezingu-500 ngenxa yokuthi yizona ezingaba nezinto ezingenzeka. Abazophambana nomthetho ngeke sinanaze ukubavalela.
“Abantu banelungelo lokubhikisha kodwa lokhu kumele bakwenze belandela umthetho,” kuqhuba uCele
Uthe ngeke aziveze izibalo zamaphoyisa azojutshwa kodwa zonke izikhungo zizoba namaphoyisa.
“Engingakusho wukuthi azobe enele amaphoyisa azojutshwa. Sifuna abantu bakhululeke ngosuku lokuvota ngoba akukho okubi okuzokwenzeka,” kuqhuba uNdosi.
Uzwakalise ukukhathazeka ngokubulawa kwamaphoyisa wathi banethimba eliphenya lezi zehlakalo, elinye lizogxila nakwezinye izifundazwe njengoba lesi sihlava sande eKZN.
UNksz Modise uthe iminyango ehlukene okubalwa owezobuLungiswa, amaphoyisa nophiko lwezokuShushisa, inohlelo lokusheshisa amacala athinta ukhetho njengoba abashushisi bemi ngomumo.
Ubalule nokuthi isikhungo esibhekele izinhlekelele kuleli simi ngomumo ukusiza ezindaweni okungase kuqubuke kuzona isimo esingesihle sezulu.
“Lesi sikhungo sisebenzisana nohlaka olubhekele lesi simo ukuze kusheshe kuhlonzwe uma kungase kudaleke inhlekelele. Amathimba azosebenza ubusuku nemini eqaphile,” kuphetha uModise.