UNGQONGQOSHE kaGesi, uDkt Kgosientsho Ramokgopa, uthi ukungacishwa kukagesi izinsuku zilandelana kumbule izinqe amaqembu ezepolitiki abesesizakele, esebenzisa lenkinga ukukhankasela ukhetho.
URamokgopa uthe lamaqembu awasazi ukuthi akhankase ngokuthini njengoba sekuphele izinsuku eziningi ugesi ungacishwa.
Uthe lamaqembu asekhethe ukuqamba amanga, athi ugesi awucishwa ngenxa yokuthi sekusondele ukhetho.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba izolo lapho ebephawula ngezithinta ugesi.
Ekuqaleni kwalonyaka nangonyaka owedlule izwe beliphuma lingena ngaphansi kwezigaba ezahlukene zokucishwa kukagesi.
Muva nje isathule inkinga yokucishwa kukagesi njengoba sekuphele izinsuku ezingu-26 ungacishwa.
Ukungacishwa kukagesi izinsuku eziningi zilandelana kwagcina ukwenzeka ngo-Ephreli 2022, lapho ungazange ucishwe izinsuku ezingu-28 zilandelana.
Lesi simo sesiholele ekutheni inkukhu iwusole umgqakazo emaqenjini aphikisayo, asola ukuthi ugesi awucishwa ngenxa yokuthi sekusondele ukhetho.
Abaholi bamaqembu aphikisayo abakhombise ukushaya amakhala, umholi we-IFP uMnuz Velenkosini Hlabisa, uNobhala Jikelele we-EFF uMnuz Marshall Dlamini, nomholi weDA uMnuz John Steenhuisen.
UHlabisa ucele abantu ukuthi bangayivoteli i-ANC okhethweni oluzayo noma ngabe ugesi uyaqhubeka nokungacishwa.
Lokhu ukusho ngesikhathi ekhuluma emcimbini we-IFP obuKwaNongoma ngeSonto.
UDlamini yena uthi ugesi uzoqhubeka nokucishwa emva kokhetho.
Lokhu ukusho ngesikhathi ehola umbhikisho ngaphandle kwamahhovisi kaMasipala waseMsunduzi ngoLwesihlanu.
Esitatatimendeni, uSteenhuisen uthe i-ANC ifaka ingcindezi yokuthi ungacishwa ugesi.
Kepha uRamokgopa uthe ukungacishwa kukagesi akuhlangene nokhetho lwangoMeyi 29.
URamokgopa uthe kukhona amaqembu ezepolitiki abese sizakele ngenkinga yokucishwa kukagesi.
“Bebesebenzisa lenkinga ukukhankasela ukhetho. Ngoba-ke manje ugesi awusacishwa, abasenaso isikhali sokukhankasela ukhetho.
“Yingakho sebehambe bekhuluma izinto ezingekho. Kukhona nje engikubone kubhalwe ngomunye wabo, ngihluleka ngisho nawukukuchaza,” kusho uRamokgopa.
Uqhubeke ngokuthi ukungacishwa kukagesi izinsuku zilandelana kukhombisa ukuthi imizamo yabo yokulwa nalenkinga isiqalile ukuthela izithelo ezinhle.
“Kade sawuqala lombhidlango. Sibhekane nobunzima endleleni nokuyinto engayisho ngesikhathi kumnyama kakhulu, ukuthi kukhona esizokuvuna ngokuhamba kwesikhathi. Sesiqalile-ke ukuvuna,” esho.
URamokgopa uthe sebeyayinqoba inkinga yokucishwa kukagesi, yize ingakapheli kodwa usukhona umehluko.
Uphethe ngokuthi usemncane umehluko kodwa okubaqinisa idolo wukuthi uyabonakala.