ABAZALI nabafundi sebemi ngomuno ngosuku lwanamhlanje njengoba kuvulwa izikole KwaZulu-Natal. Leli phephandaba izolo livakashele isitolo semifaniswano yezikole iGem, e-Overport eThekwini lapho odado bebelinganisa imifaniswane yabo.
Abazali baveza ukuthi lesi sikhathi noma sihambisana nokuba matasa nokudinga imali kodwa bayasithakasela.
UNkk Snenhlanhla Zuma Ndwalane waseNewlands East, ongunina kaKhanyisa Zuma oyofunda uGrade R, eBriardale Primary ubengomunye wabazali ebebematasa nokulungisela lolu suku.
"Siqalile isikhathi sokuvusana ekuseni silungiselele isikole. UKhanyisa ngimshintsha isikole ngoba uzokwazi ukufunda kulesi esisha aze aqede kanti lesi esidala asinawo amanye amakilasi. Nomfaniswano wesikole yikho ngiwuthenga ngosuku lokugcina sekuphithizela kugcwele ezitolo.
Kumele sibambisane singabazali ngalesi sikhathi. Uma ungene kuqala kumele ulinganise ingane yakho ngokucabangela nabanye abazali," uNkk Zuma Ndwalane.
UKhanyisa ubejabule ehluleka nokuzibamba ebona umfaniswano wakhe wesikole. Ngemvume kanina utshele leli phephandaba ukuthi ujabule kakhulu ukuyofunda uGrade R.
Ngaphandle kwakhe noSinothando Gqeba waseRidge View, uthe usejahe ukuya esikoleni eSpringfield Model Primary lapho eyokwenza khona uGrade 5.
Omunye wabasebenzi baseGem, uNksz Kwanele Ntuli waseNanda uveze ukuthi abazali abathenga umfaniswano wesikole behluke kakhulu ngoba banesineke. Lokhu uthe kwenza umsebenzi wabo ubelula futhi bawenze ngothando.