UMPHAKATHI owakhele uMasipala waseMfolozi, ngokubambisana neMeya uMnuz Xolani Bhengu nabamele amabandla ahlukahlukene, bakhulekele ukuphepha ngempelasonto yePhasika emgwaqweni osunezidumbu uN2.
Kule ndawo sekushone inqwaba yabantu ngenxa yezingozi zomgwaqo. Kunabantu abahlanu abadlule ngo-Okthoba nyakenye emuva kwengozi yeveni nemoto encane emgwaqweni uN2 ngasoThukela. Ngosuku olufanayo kwaphinda kwashona omunye emgwaqweni uR34 ngaphambi kweMfolozi Bridge. Lengozi yayidwalwe ukutholana phezulu kwaloli. Nakuwo kulo masipala kunabasebenzi abaphuma emakhaya beyosebenza kodwa babuya sebefakwe emabhokisini.
Ngonyaka owedlule kwadlula emhlabeni abasebenzi bakaMasipala waseMfolozi abathathu ngenyanga eyodwa ezingozini zomgwaqo ezenzeka ngezinsuku ezingafani. Isolezwe lathola ukuthi ngoJulayi 9 kwashona uMnuz Mluleki Mbhele owayeyi-Accounting Officer engozini yemoto eyamehlela emgwaqweni uN11 eMnambithi. Bathi ozakwabo besalungiselela ukuhambela inkonzo yomngcwabo kamufi, waphinde lomasipala walahlekelwa ngabanye abasebenzi ability kwenye ingozi eyayihlasimulisa igazi. Kuleyo kwashona uMnuz Siyanda Nhleko owayewumsizi wenhloko yophiko lwezezimali noMnuz Nkosiyapha Khoza owayeyi-internal auditor futhi owayejutshwe wuMnyango wokuBusa NgokuBambisana neziNdaba zoMdabu. Lezi zinsizwa zahlangabezana nokufa ngesikhathi zisemgwaqweni uN2 kwaMbonambi. Imoto ezazihamba ngayo yatholana mahlanze neveni.
Lesi sigameko saphakamisa amaphaphu kubasebenzi abaningi ngoba babengazi ukuthi yimuphi osezolandela.
Ngakho uMhlonishwa uBhengu ngokubambisana nabaholi bomphakathi nabazalwane bebeyokhuza umhlola kulo mgwaqo odlula eMfolozi nosuphenduke isishozi zesingozi esezikhiphe imiphefumulo eminingi. Ngokusho kwesitatimende esithunyelelwe abezindaba, lo mkhuleko uqale emgwaqeni uN2 "ukunxusa oMdala Wezinsuku ukuba angenelele, kungahambi abantu ezingozini zomgwaqo." Ikhuluma kulo mkhuleko, imeya inxuse ukuba kubekhona ukuthula nokubekezelelana emgwaqeni kulabo abasebenzisa umgwaqo.
“Siyakukhuthaza kakhulu ukuhloniphana emgwaqeni ukulekelela kulesi sisomo esibhekene naso. Abezimo eziphuthumayo kanjalo namaphoyisa ethu azobe ebonakala ubusuku nemini ngaphambi nangemuva kwamaholidi ePhasika,” kuphetha uBhengu.
Phakathi kwabebethamele lenkonzo kubalwa abazakwane bamabandla ahlukahlukene kanjalo noHlaka lukaLizwi eHhovisi likaNdunankulu, uMama uNyandeni.