UMENGAMELI weSalga uMnuz Bheke Stofile, ubadonse ngendlebe omasipala. Unxuse ukuthi bame kancane ngokuklwebhana bebanga imikipito yamaqembu bese bephuthumisa izidingo kubantu.
UStofile ubekhuluma nezimeya nezikhulu zomasipala izolo esithangamini seSalga ehhotela Elangeni, eThekwini.
ISalga iwuhlaka olweseka omasipala ezweni ukuze basebenze kangcono kanti KwaZulu-Natal, bangu-54 omasipala abeluswe yinhlangano.
Isigungu esiphezulu seSalga kuzwelonke besihleli nezikhulu zomasipala izinsuku ezintathu kusukela ngoLwesithathu, kwasongwa namuhla. Bekwendlalwa izinkinga eziphazamisa ukusebenza komasipala ngenhloso yokuthola ikhambi ukuze kuhlinzekelwe imiphakathi ngezidingo.
UStofile uthe zikhona izinselelo kodwa nemibango yezepolitiki ikhona futhi iyaphazamisa komasipala. Uthe akufanele kudlalwe ngesikhathi sabavoti kubangwa izinto ezingathi shu!
“Akufanele sidlale ngemibono yabavoti okuyibona abasivotele ngokusethemba. Ayiyekwe indaba yokubanga lapho omasipala abaphethe khona ngokubambisana ngoba abantu balinde intuthuko nezidingo. Omasipala behlelwa wukwethenjwa ngenxa yezinto ezimbi ezibikwa ngabezindaba ezenzeka kubona,’’ kuchaza uStofile.
Uqhube wathi okugqiba okuhle okwenziwa omasipala wukuthi kugqama okubi okuthunaza isithunzi sabo. Wathi imibango idala ukuthi kubulawe amakhansela nokuyinto okungafanele ngabe iyenzeka ngoba iphazamisa ukusebenza nokuhanjiswa kwezidingo.
UStofile ukhale nangenkiyankiya yomasipala abakweleta i-Eskom kanye nabantu abakweletayo.
“Kunenkinga yezikweletu zika-Eskom kanti kade sisanda kuzwa nje izinhlangano zabantu abakhele omasipala, zikhala ngokuthi azikwazi ukukhokha ngoba zithwele kanzima. Kukhona nenkinga yezikweletu lapho omasipala bengakwazi ukukhokhela izinkampani eziphakela amanzi. Konke lokho kufanele kulungiswe,’’ kweluleka uStofile.
USomlomo weTheku, uMnuz Thabani Nyawose, unikwe ithuba lokwemukela izithunywa ngaphansi kukamasipala wakhe wanxusa ukuthi kube nobumbano. UNyawose uthe kufanele kuthunyelwe izidingo ebantwini ngokubambisana ngaphandle kokubeka phambili amaqembu.
“Omasipala yibona abasekhaleni lomshikashika wentuthuko futhi baneqhaza ekulweni nobuphofu nokungasebenzi kwabantu. Kufanele sisebenze singabheki indaba yamaqembu, sibeke phambili imigomo yeBatho Pele, okusho ukubeka abantu phambili,’’ kusho uNyawose.