AMAQEMBU aphikisayo ahlaba ukuhlelwa komcimbi owubukhazikhazi wokuklomelisa abasebenzi bakaMasipala waseThekwini njengoba ekhala ngokuthi abanye babasebenzi bomkhandlu bangamavila.
Izolo umhlangano womkhandlu uphasise isicelo sokubeka eceleni uR1.7 million ozosetshenziselwa ukuhlela umcimbi wokuklomelisa abasebenzi bomkhandlu.
Amakhansela amaqembu aphikisayo athe akholwa wukuthi le mali bekufanele isetshenziselwe ukuletha izidingo kubantu.
Ikhansela leDA, uMnuz Sakhile Mngadi, lithe kunemibiko ekhombisa ukuthi abasebenzi bomkhandlu kabawenzi ngendlela umsebenzi.
“Umbiko womcwaningimabhuku wawugxeka kakhulu umkhandlu, wakhala nangokuthi abathathelwa izinyathelo abantu abangawenzi umsebenzi abaweqashelwe.”
UMngadi uphakamise ukuthi umasipala ubeke phambili eyokuthengela abasebenzi izinsizakusebenza kunokubenzela imicimbi.
“Uma kuwukuthi inhloso wukugqugquzela abasebenzi ukuthi benze umsebenzi wabo, mabathengelwe izinsizakusebenza. Iningi labasebenzi bomkhandlu kalinazo izinsiza.
Ukuyokwamukela izitifiketi emcimbini kuzobasiza ngani ngoba emva kwalokho bazophinde babuyele emsebenzini beyosebenza ngaphansi kwezimo ezingezinhle.”
UMngadi uthe sebekuqaphele kaningi ukuthi uMasipala waseThekwini uyathanda ukusebenzisa izimali ezinkulu ekuhleleni imicimbi.
“Kule minyaka emibili umasipala usebenzise u-R106 million ukuhlela imicimbi.”
Ikhansela le-IFP, uNksz Nothando Mchunu, lithe ukudembesela kwabasebenzi bomkhandlu sekuholele ekutheni izidingo zingahanjiswa kubantu ngendlela.
“Siyazibuza ukuthi yibaphi laba basebenzi baseThekwini abasebenza ngokuzikhandla, njengoba iTheku lingcolile, umphakathi uhluphekela amanzi, ugesi nokunye? Izingcingo azibanjwa sidalo kwamasipala uma abantu befuna ukubika izinkinga.”
Ikhansela le-ATM, uMnuz Lwazi Nkomeni, lithe ubuvila babasebenzi bakamasipala buyinto eyaziwa yiwo wonke umuntu emkhandlwini.
“Ngonyaka odlule imeya yasho yona, yathi abasebenzi bangamavila. Esifuna ukukwazi wukuthi ngabe abasewona yini amavila? Ngabe kukhona yini osekushintshile?”
Ikhansela lePeople First Movement, uMnuz Mzikayise Hlengwa, lithe kabahambisani nokwenziwa komcimbi.
“Ngesikhathi laba basebenzi befaka izicelo zemisebenzi, bathi bazosebenza ngokuzikhandla. Asikwazi ukuthi singakhipha imali engaka sikhokhela abantu abahlulwa wukwenza umsebenzi abawuqashelwa.”
Ikhansela le-ANC, uMnuz Ntando Khuzwayo, lithe akusibo bonke abasebenzi bomkhandlu abangamavila, labo abasebenza ngokuzikhandla kufanele baklonyeliswe.
“Akukho ukuthi zifa ngamvunye. Sinomthwalo wokuklomelisa labo abenza kahle.”