AZOBOLELA ejele amadoda amabili alahlwe ngamacala abandakanya nelokubulala ilungu le-ANC.
UBongani Enock Masilela (31), noTau David Mokhali (33), bagwetshwe yiNkantolo eNkulu yasePetoli ezinze ePalm Ridge.
Bagwetshwe udilikajele umuntu ngamunye, ngamacala okugebenga ngenhloso yokulimaza nokubulala uMnuz Gladwin Khaiyane owayaziwa ngoParks owayeyilungu le-ANC.
Kuthiwa ngomhla ka-13 Disemba 2013, umufi wayehamba nentombi yakhe beya eGoli ngesikhathi befelwa yimoto kuR59 Meyerton. Ngesikhathi umufi ezama ukulungisa imoto yakhe nomngani wakhe owafika ezomlekelela, kwaqhamuka abasolwa behamba nabangani babo, abagcina bekhishwa ecaleni.
Kuthiwa abasolwa bayalela umufi nomngani wakhe ukuthi balale phansi anduba babadubule.
“Umufi washona ekhona lapho, abasolwa bagebenga intombi kamufi nomngani wakhe. Ngemuva kokubagebenga, uMaselela wahudulela intombi kamufi ehlathini lapho ayidlwengula khona ngaphambi kokuthi babaleke nemoto yohlobo lweHyundai H100. Imoto yatholakala ngokuhamba kwesikhathi endaweni yaseSicelo eMeyerton, kude buduze nakubo kaMaselela,” kusho uLumka Mahanjana okhulumela abeNPA.
Baboshwa besemakubo ngemuva kwezinsuku ezimbalwa kwenzeka isigameko, bagqunywa esitokisini kusukela ngomhla ka-20 Disemba kuwo lowo nyaka.
“UMasilela ubuye wagwetshwa eminye iminyaka engu-43 ngamacala okudlwengula, ukutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni. Zonke zigwebo uzozidonsa kanyekanye.”