BAGWETSHWE udilikajele abalisa abathathu abadlwengula owesifazane eMadadeni, eNewcastle.
INkantolo yesiFunda eMadadeni, igwebe uNjabulo Hadebe (25), Sanele Ndwandwe (27), Bhekumuzi Mdluli (28) noManqoba Madela (26), udilikajele neminyaka ngu-20 ngaphezulu ngamacala okugebenga, ukuthumba nokudlwengula owesifazane oneminyaka engu-33 ubudala ngoJanuwari 2017.
Kuthiwa umgilwa wayenomngani wakhe befuna befuna usizo lwemoto esuka eNewcastle, edolobheni beya eMadadeni.
“Laba balisa bagibelisa umgilwa, umngani wakhe wasala ngemuva, endleleni eya emadadeni, babemdlwengula, beshintshana ngaye.
“Bamthathela iselula, i-tablet, imali engangoR120 anduba bamlaxaze endaweni engaziwa,” kusho uNkk Natasha Ramkisson-Kara okhulumela iNPA.
Abasolwa babanjwa ngosizo lomngani womgilwa owathatha izinombolo zemoto anduba agibele umngani. Amaphoyisa alandela nomkhondo weselula kamgilwa ngoba abasolwa babeyisebenzisa.
Ngesikhathi ethula ubufakazi bakhe, umgilwa watshela inkantolo ukuthi lesehlo samhlukumeza kakhulu ngoba senzeka ngosuku lwakhe lokuqala emsebenzini futhi akaphindanga wabuyela.