UPHENDUKE inkundla yokukhankasela i-ANC umcimbi kahulumeni lapho uMengameli Cyril Ramaphosa ebevula khona ibhuloho enkundleni yezemidlalo eNgilanyoni, eMkhambathini ngoLwesithathu.
URamaphosa ubekade eqale eThekwini echwebeni lapho abeyokwethula khona uhlelo lokuhwebelana kwamazwe.
URamaphosa ubeze emcimbini ngokuba wumengameli wezwe, hhayi owe-ANC kodwa bekugqanyiswa yona kakhulu. URamaphosa ubezokwethula ibhuloho elakhiwe ngohlelo, iWelisizwe, okuqondwe ngalo ukuthi abantu basemakhaya bakwazi ukuhamba noma kunemvula.
Umphathi wohlelo, uMnuz Sipho Hlomuka uthe yena akafuni ukugigiyela ngoba i-ANC isebenze kakhulu. UHlomuka ubekhankasa isidana, ebelesele abantu nge-ANC izikhawu eziningi.
“Uhulumeni we-ANC lona ngoba bonke ohulumeni banezibongo. Bakhona omama ka-Enzo lapha? Mengameli kukhona izingane zakho lapha ezithola isibonelelo,’’ kusho uHlomuka. Ubeze avumise ingoma ethi Kusekhaya la.
Kumatasa ezweni kulungiselwa ukhetho lukazwelonke olukhonjwa maphakathi nonyaka.
URamaphosa wethulwe wuNgqongqoshe weMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda, uMnuz Sihle Zikalala. Uthe uma ethula uRamaphosa wathi abantu abangazibhonculi izikhonkwane ezafakwa woyisemkhulu.
UZikalala uze wacaphuna izwi ebhayibhelini, waqhubeka lapho walitolika ngokuthi abantu bayibonile imisebenzi ye-ANC eyaqalwa yizingwevu ezingoMnuz Nelson Mandela.
UZikalala uze wazithethelela ngokuthi abaningi bacabanga ukuthi bayakhankasa kodwa akunjalo, bona balethe intuthuko njengemihla yonke.
UZikalala wethule uRamaphosa naye ohambe khona lapho ekhankasela i-ANC.
URamaphosa uthe ucela abantu babhalisele ukuvotela uhulumeni ozoqhubeka nomsebenzi wawo.
“ Uma abe-IEC bevula elinye ithuba, nihambe niyovotela ukuthi kuqhubeke konke lokhu okuhle okwenziwa wuhulumeni. Maduze nje sizogubha iminyaka engu-30 wentando yabantu futhi i-ANC izokuchaza konke ekwenzile,’’ kusho uRamaphosa.
URamaphosa ubalele abantu athe kwenziwe yi-ANC, esho ugesi, izikole okufundwa kuzona mahhala, kudliwe kuzona nokunye okuningi akukhumbuze abantu. Uthe bazimisele ngokuqhubeka nokukwenza lokhu kodwa bayaqonda ukuthi basemseni wabantu.