I-DA ifuna kusheshe kuhlale iPhalamende ukuze kubhungwe ngesiphakamiso sokungabuthembi ubuholi bukaSomlomo osahlabe ikhefu eliyisipesheli, uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, obhekene namacala enkohlakalo.
Leli qembu lithe akumele kuze kushaye uMeyi iPhalamende lingahlalanga ukubhunga ngokushesha ngalesi siphakamiso.
USotswebhu we-DA ePhalamende uNksz Siviwe Gwarube, uthe bajabule ngokuthi ibamba likaSomlomo uMnuz Lechesa Tsenoli, uvumile ukuthi kube nale nkulumo mpikiswano ngodaba lukaSomlomo.
Uthe imigomo yePhalamende icacile ukuthi isiphakamiso esithinta ukungabethembi ubuholi bukaSomlomo noma iPhini lakhe kumele sibhungwe ngokushesha.
Uqhubeke ngokuthi asikho isidingo sokubizwa ukuhlala kwePhalamende okuphuthumayo ngelizayo, lolu daba ngolubalulekile noluphuthumayo.
Uthe ubhalele amanye amaqembu okubalwa ne-ANC, efuna ukwesekwa kulesi siphakamiso.
“Ukugoloza ukusula kukaSomlomo ekubeni ebhekene nezinsolo ezibucayi kanje, kwenza ukuthi sifinyelele ekutheni siphakamise ukuthi akakhishwe ngevoti.
“Akasakulungele ukuba kulesi sikhundla ngoba siwuhlaka okumele lubonakale luthatha izinyathelo ezinqala odabeni oluthinta inkohlakalo,” kusho uNksz Gwarube
UNkk Mapisa-Nqakula ubhekene nezinsolo ezingu-12 zenkohlakalo ezithinta intshontsho alithola kusonkontileka eMnyangweni wezokuVikela esanguNgqongqoshe wawo.
Kulindeleke ukuthi inkantolo ikhiphe isinqumo esicelweni sikaNkk Mapisa-Nqakula sokuthi angaboshwa njengoba uphiko lwezokushushisa belumfuna evele enkantolo.
UNkk Mapisa-Nqakula wakhetha ukuhlaba leli khefu emuva kwalezi zinsolo okuthiwa zifaka nemali enguR2 million engukheshi ayithola izikhawu ezahlukene kulo sonkontileka.
Kwenzeka lokhu nje uNkk Mapisa-Nqakula waphumela obala wathi usethi khumu ePhalamende emuva kokhetho.
Wathi ngeke esabuyela ezintweni ezithinta ubuholi ngisho kwi-ANC ngoba esebona ukuthi adede inkundla ngoba kade aba yingxenye yobuholi kusekhona owayenguMengameli kaHulumeni weNtando yeNingi uMnuz Nelson Mandela.
IPhalamende kulindeleke ukuthi liveze usuku okuzobhungwa ngaso lesi siphakamiso se-DA.