BADUDUZE uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa kwamaBhizinisi amancane, uNkk Stella Ndabeni Abrahams, nobengumyeni wakhe uMnuz Thato Abrahams, abamemezele ukuthi bayehlukanisa.
Bakhiphe isitatimende ngokuhlanganyela bebika ukuthi sekufike ekugcineni.
UNgqongqoshe ubuye abe yilungu lesigungu esiphezulu se-ANC kanti uke waphatha nezinye izikhundla kuhulumeni nasenhlanganweni yakhe.
U-Abrahams ungusomabhizinisi owaziwayo futhi ubevamisile ukubonakala nomkakhe emcimbini kahulumeni beswenke beconsa. UNgqongqoshe wasinela u-Abrahams ngo-2012, okusho ukuthi umshado wabo ubuqeda iminyala engu-11 njengoba uhlukana nje.
Phambilini kwavela imibiko emaphephandabeni ithi bahlala ngokuba nezinkinga emshadweni wabo. Esitatimendeni balibeka ngembaba elokuthi bayehlukana kodwa abachazi ukuthi yini edale ukuhlukana.
“Emuva kweminyaka ewu-11 yomshado sithathe isinqumo esisicubungule kabanzi, sabona ukuthi kufanele sehlukane ngokuthula nokuvumelana. Yisinqumo sethu sobabili futhi sifisa bonke abantu basihloniphe basinike nelungelo lasesithe,’’ ngokobhalo wesitatimende.
Bathe lokhu bakwenze nakuba kade bethandana impela kodwa sekufike ekugcineni.
“Yebo, besithandana impela kodwa sinqume ukuthe sithi khumu. Sehlukana nje, siyahloniphana kakhulu futhi sizoqhubeka nokuba abangani. Siyohlala sizikhumbula izikhathi ezimnandi ebesinazo ndawonye njengomfazi nendoda,’’ ngokwesitatimende.
Bathe bayazi ukuthi abantu bebenabo indlela yonke futhi bebeseka zikhathi zonke bayakubonga kakhulu lokho. Bathi bayabonga nokuthi bazoqhubeka nokubeseka nakuba sebehlukana ngezindlela.
Emuva kokufakwa kwesitatimende ezinkundleni zokuxhumana abantu babaxhume eduze ngamazwi enduduzo futhi babafisela okuhle kodwa.
USifiso Nhlengethwa kaDube, uthe kumuncu kodwa wathi sengathi nabanye abantu bangabonela kubona ngendlela yokusingatha ngobunono udaba lokwehlukanisa olubucayi.
UPerth Mdladlamaba naye uphose esivivaneni. “Camagu mhlekazi, amathamsanqa wodwa kulokho okuzokwenzeka ngekusasa lenu,’’ kusho uMdladlamba.
UNdumi Nobhongo Nkunzi-Ngonyama uthe kudala ewa evuka nabo bobili.
“Bengiyingxenye yohambo lwenu ebuhleni nasebubini, ngike ngaya naseWelkom, ngiyokweseka uMamotse. Akwehli kahle neze lokhu kimi kodwa kuyaphoqa ukuthi ngeseke isinqumo senu. Sengathi uMdali anganihola endleleni futhi angingabazi ukuthi nizobambisana kahle ekukhuliseni izingane,’’ kusho uNdumi.