MINENHLE MKHIZE
U ZWAKALA edidekile usihlalo weKaizer Chiefs, uKaizer Motaung ngesifo esibi esihlasele abalandeli beZimpofana sokuhhahhameza abadlali baleli qembu, ekubeni lenza kahle, okufakazelwa wukuhlala kwalo esicongweni se-Absa Premiership.
Abalandeli beChiefs sekuyinto abayijwayele ukuhlukumeza abadlali okubalwa kubona uSithembiso “Valdez” Ngcobo, Siyabonga “Doctor” Nkosi, Kingston Nkhatha noKaizer Motaung Jnr.
Ngeledlule uNkosi uphume eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, engasayithandi indaba ehlaselwe ngabalandeli beChiefs abebelokhu bemhhahhameza uma eke wenza iphutha. Esephuma uNkosi ukhombisile ukuthi akumphathi kahle obekwenziwa ngabalandeli bakhe.
Ngesizini edlule abalandeli baMakhosi bebehlasele uBernard Parker obengekho efomini yokushaya amagoli. UNkosinathi Nhleko noShaun Bartlett nabo babehlezi bephenduka izitha zabalandeli baleli qembu laseNaturena besagijima kulona.
Ekhuluma ne Solezwe uKaizer, uthe iyamkhathaza le ndaba yabalandeli beqembu lakhe.
“Le nto iyaphazamisa futhi iyacasula ngoba yenzeka eNingizimu Afrika kuphela. Kwamanye amazwe abalandeli bahhahhameza abadlali bezitha hhayi abeqembu labo ngoba bakuqonda kahle ukuthi ukuhebeza abadlali babo kungehlisa ukuzethemba kubona,” kusho uMotaung.
“Lo mkhuba uyanda kanti mubi, awugili thina kuphela kodwa namanye amaqembu. NakuBafana lo mkhuba usungenile impela. Sidlala nePirates siqhamuke nombhalo obuxwayisa abalandeli ukuthi bangasihhahhamezi. Nokho sengathi abakuzwanga konke lokho ngoba bayaqhubeka nokwenza le nto engingazi ukuthi isuka kuphi. Siyazama ukukhuluma nosihlalo bamagatsha ahlukene eChiefs ukuthi bakhulume namalungu awo kwazise le nkinga iyasikhathaza siyiqembu.”
AbeBucs bebehlasela uBongani “Drogba” Ndulula, osegijima kuMaZulu, ngesizini edlule. UNdulula ugcine esehluleka ukuzethemba ngoba njalo uma enza iphutha bekuba uziyalile.
“Ngokwami ngazi ukuthi abantu uma besenkundleni basuke bezozijabulisa ngokweseka iqembu labo. Phesheya abalandeli bahlala phansi bagqugquzele iqembu labo bese beyekela konke kumqeqeshi ukuba enze umsebenzi wakhe. Ngeke ubabone betshela umqeqeshi ukuthi akenzenjani,” kusho uMotaung.
“Umqeqeshi (Stuart Baxter) uhlalile phansi noSiyabonga bakhuluma. Lokhu okwenzeke kuyena akuqali ngaye. Abadlali ngilindele ukuthi izimo ezifuze lezi zibaqinise ngokomqondo. Ngiyazi akulula kodwa kumele babekezele,” kusho uMotaung.
IChiefs ihlezi esicongweni ku-Absa Premiership ngamaphuzu angu-47 emidlalweni engu-21. Ivule igebe lamaphuzu amahlanu kuPirates esele ngomdlalo owodwa. KuNedbank Cup AmaKhosi aqhathwe neBloemfontein Celtic kuma-quarter final alo mqhudelwano.
“Inyanga ezayo iyona ezocacisa ukuthi sibheke kuphi. Sinemidlalo eminingi esizoyidlala ekuhambeni. Izinto zona ziyethembisa futhi sineme ngomsebenzi omuhle owenziwa nguBaxter,” kusho uMotaung.
NgeSonto iChiefs izobhekana neCeltic emdlalweni weligi eFree State Stadium, ngo-3.30 ntambama.
Imidlalo ye-Absa Premiership:
NgoLwesihlanu: Moroka Swallows v Free State Stars (Dobsonville Stadium, 6pm); Ajax Cape Town v AmaZulu (Cape Town Stadium, 8pm)
NgoMgqibelo: Lamontville Golden Arrows v Bidvest Wits (King Zwelithini Satdium, 3.30pm); Platinum Stars v Mamelodi Sundowns (Royal Bafokeng Stadium, 3.30pm); SuperSport United v Black Leopards (Lucas Maripe Stadium, 6pm); Orlando Pirates v University of Pretoria (FNB Stadium, 8.15pm)
NgeSonto: Bloemfontein Celtic v Kaizer Chiefs (Free State Stadium, 3.30pm); Maritzburg United v Chippa United (Harry Gwala Stadium, 3.30pm)