UMHOLI weRise Mzansi, uMnuz Songezo Zibi, ukhala ngezaguga ezingamalungu ePhalamende ezishaya imithetho ethi abantu abaneminyaka engaphezu kuka-35 abangabekwa phambili uma kunamathuba emisebenzi.
UZibi uthe esikhundleni sokuthi kuncishwe abantu abaneminyaka engaphezu kuka-35 amathuba emisebenzi, kufanele engabe kushanelwa zonke izaguga ePhalamende.
Ukusho lokhu ngesikhathi iRise Mzansi KwaZulu-Natal yethula umqulu wezethembiso zokhetho, eThekwini, ngoLwesine.
UZibi uthe siphelile isikhathi sezaguga ePhalamende naseziShayamthetho.
Uthe iqembu lakhe ligadla ngabantu abasha njengoba kuyiwa okhethweni.
Wenze isibonelo ngomele iRise Mzansi embangweni wesikhundla sikaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nonkululeko Hlongwane-Mhlongo, oneminyaka engaphansi kwengu-40.
“Akafani nalaba baholi abadala abanitshela ukuthi senibadala uma nineminyaka engu-35, kodwa bona baneminyaka engaphezu kuka-70, basengamalungu ePhalamende. IKwaZulu-Natal ifanelwe ukuba nomholi osemusha, onamaqhinga okutakula isifundazwe.”
UNkk Hlongwane-Mhlongo uthe uma benqoba iKwaZulu-Natal okhethweni abantu abaneminyaka engaphezu kuka-35 angeke bashiywe ngaphandle.
“Abantu abaneminyaka engu-35 noma kufanele banikezwe amathuba, bakwazi ukuziphilisa. Sizokuqeda ukucwaswa kwabantu abaneminyaka engu-35. Bonke abantu kufanele banikezwe amathuba afanayo, kuqashwe abantu abafanelwe umsebenzi.”
UNkk Hlongwane-Mhlongo uthembise ukuthuthukisa amahostela nemijondolo uma benqoba ukhetho.
Uthe abantu abahlala kulezi zindawo baphila ngaphansi kwezimo ezingezinhle.
“Sizosebenzisana nezinhlangano Ubunye bamaHostela, naBahlali baseMjondolo, ukuqeda izinkinga ezikhungethe izindawo eziyimijondolo koCato Manor naseChesterville. Izimo zenhlalo kulezi zindawo azizinhle. Kubhoke ubugebengu, kusocongwa abaholi bemiphakathi.
“Emahostela izindlu okuhlala kuzo obaba bethu nabafowethu, zihlukaniswe ngamakhethenisi. Uhulumeni utshela abantu ukuthi abazohlala nemindeni yabo ngaphansi kwalezimo lezi. Amahostela kufanele athuthukiswe ukuze abantu bezokwazi ukuhlala nemindeni yabo kuwo.”
UNkk Hlongwane-Mhlongo uthe bazobuqeda nya ubugebengu obudlangile kulesi sifundazwe.
“Sizosusa izigebengu emiphakathini. Lokhu sizokwenza ngokubambisana nezinhlangano ezilwa nobugebengu.”
UNkk Hlongwane-Mhlongo uthe bazosebenzisana nezinhlangano ezilwela amalungelo abantu, nezingenzi nzuzo.
Uthe bazokwenza ngcono ezemfundo, ezempilo, baphinde babeke phambili abaphila nokukhubazeka.