ASETHUNYELWE ehhovisi likaNgqongqoshe wezoBulungiswa, uMnuz Ronald Lamola, amaphepha esicelo sokubuyiswa kwabalisa abasolwa kwelokubulala umrepha u-AKA, ababhajwe eSwatini.
UMnuz Siyabonga Gezani Ndimande, obuye abizwe ngoNxele nomfowabo uMnuz Malusi Dave Ndimande, basabhajwe eSwatini. Baboshwa beseZone 4, eMbabane, eSwatini, lapho ababeqashe khona.
Okhulumela iNPA KwaZulu-Natal, uNkk Natasha Ramkisson-Kara, uxoxe ne-IOL yakwabo kweSolezwe Ngempelasonto echaza ngodaba. Uthe u-Adv Zungu, usekwenzile obekulindeleke ukuthi akwenze maqondana nesicelo sokubuyiswa koNdimande.
“Umsebenzi wokubabuyisa uyaqhubeka ngoba uMqondisi wezokuShushisa uwasayinile amaphepha afanele wawahambisa kwaboMnyango wezoBulungiswa abaphethe umsebenzi,’’ kuchaza uNkk Kara.
Izinsizwa ezimbili zakwaNdimande zisabhajwe eSwatini, lapho ezatholwa khona zigobe amadlangala. Izelamani sezivele izikhawu eNkantolo yeMantshi kwaManzini, kubhungwa udaba lokubuyiswa kwazo.
U-AKA owayeyisilomo somculi wakakiswa okwenyamazane nomngani wakhe uTebello “Tizb” Matsoane, bavithizwa ngenhlamvu bashona nyakenye, eThekwini.
U-AKA igama lakhe langempela okunguKiernan Forbes noTibz baficwa ngamadoda bezincokolela ngaphandle kwendawo yokudlela iWish on Florida eyagcina ivaliwe emuva kwesigameko.
Isigameko sokubulawa kwabo saqoshwa amakhamera sasabalala nezwe lonke sashiya abaningi bethuthumela. Kuboshwe abalisa abayisikhombisa abasolwa ngokuba yizinkabi ezanikwa umsebenzi wokucoboshisa u-AKA.
Abalisa ababili abaseSwatini, kulindeleke ukuthi uma befika bajoyine abanye abahlanu ababoshwe kuleli nasebehamba iNkantolo yeMantshi eThekwini. ONdimande abaseSwatini, uma bevela beluhlehla udaba kukhalwe ngokuthi iziphathimandla zakuleli bezingakawafaki amaphepha.
Kulindeleke ukuthi babuyele eNkantolo yeMantshi kwaManzini ngoMashi 20, okunguLwesithathu oluzayo.
Abalisa abahlanu bebevele eNkantolo yeMantshi eThekwini, phakathi nesonto baqala ukufaka isicelo sabo sebheyili. Abamangalelwa oMnuz Lindokuhle Mkhwanazi (30), uMnuz Lindani Ndimande (35), uMnuz Eddie Myeza (21), uMnuz Muziwethemba Gwabini (36) noMnuz Lindokuhle Ndimande yibona abavele enkantolo.
UMkhwanazi noMyeza kuphela abakwazile ukufaka izicelo zabo kanti abanye kuthiwe amaphepha abo asalungiswa. Abalisa ababoshelwe kuleli kulindeleke ukuthi babuyele eNkantolo ngoMsombuluko kuqhubeke isicelo sabo sebheyili