AMAWELE adume kuma-Idols abuye ahlala isikhathi eside emzini womfundisi waseNigeria obhekene namacala okudlwengulwa, akhulume okokuqala ngakubize ngokuhlukumezeka kwawo ebandleni lakhe.
U-Aneliswa noNelisa Mxakaza (22) baseMayville, eThekwini, bakhiphe isitatimende kuFacebook bexolisa ngokuvikela uMfundisi Tim Omotoso ngesikhathi eboshwa emuva kokubekwa amacala ngonyaka odlule. Amawele ahlala unyaka emzini ka-Omotoso eMhlanga engamalungu ebandla lakhe iJesus Dominion International.
Ngesikhathi u-Omotoso eboshwa esikhumulweni sezindiza ePort Elizabeth ngo-Ephreli, elinye lamawele lamvikela isidana. U-Omotoso ubhekene noxhaxha lwamacala okubalwa kuwo awokushushumbisa abantu nawokudlwengula.
Esitatimendeni amawele athe abefana nabantu abalahlekelwe yingqondo ngenxa yempilo abeyiphila ebandleni.
“Siyaxolisa kubo bonke abesifazane ngoba besibukeka sivuna u-Omotoso emacaleni okuya ocansini abhekene nawo. Sithanda ukuxolisa nakulabo abagiliwe ngoba siyabazi bonke bafana nodadewethu. Asizange sibaseke ngesikhathi bebhoboza ithumba ngokuhlukunyezwa kwabo ngoba sasiphoqekile ukuvikela u-Omotoso kwabezindaba,” kusho amawele.
Isitatimende siveza ukuthi bebephoqwa ukuthi bangakhulumi okubi ngo-Omotoso.
“Besihlala ngokusatshiswa ngoba akukho ebesizenzela kona ngoba sithanda. Izikhulu zebandla zasenza sabaleka emakhaya sayohlala no-Omotoso. Njengoba besiyizingane besitshelwa ukuthi nguyena osondelene noNkulunkulu, okumele sidlule kuyena kuqala. Siyazisola ngokudela abazali bethu salalela umfundisi esingamazi waseNigeria.”
UMnuz Mando Makhubela, amawele amjube ukuthi awakhulumele, uthe kusenzima kuwona ukuzikhulumela ngendlela ahlulelwe ngayo ngodaba luka-Omotoso. Uthe basazama ukuthi alulekwe ngokomqondo ukuze impilo ibuyele esimeni ngokuphelele. Uziphikile izinsolo zokuthi amawele, athe aphunyuka engakaze athintwe.
“Kuningi ukuhlukumezeka ngokomoya abadlule kuko u-Anele noNeliswa kodwa abazange badlwengulwe. Bebexoxelwa ngamantombazane ngokwenzeka kuwo aze anqume ukubaleka. Bekunzima ukuphumela obala ngoba bebesatshiswa. Bebegadwa usuku lonke bephuma kuphela uma beyothenga futhi bephelezelwa,” kusho uMakhubela.
Uthe akuzange kube nokuthula ekhaya kusukela amawele aya kwa-Omotoso, okuyimanje asazama ukubuyisana nomndeni. Uveze nokuthi ngesikhathi eyohlala kwa-Omotoso ayesebhalisele ukuyofunda e-University of KwaZulu-Natal kodwa kulo nyaka abuyele ekolishi ukuyofunda.
Okhulumela ibandla, uMfundisi Sanele Myeni, uthe bazwile ngesitatimende kodwa ngeke baphawule ngoba udaba lusenkantolo. U-Omotoso uvele enkantolo ngoMsombuluko icala lahlehliselwa uMashi 6.
Kuvele ukuthi sekuboshwe nabesifazane ababili okusolwa ukuthi ubesebenzisana nabo ukushushumbisa abesifazane.