UMKHUZI wamaPhoyisa kuleli uGeneral Fannie Masemola, uhlabe ikhwelo emaphoyiseni ukuthi abhalisele ukuvota ngokuyisipesheli njengoba ngosuku lokhetho ezobe ejutshwe ezindaweni ezehlukene.
UMasemola uthe njengoba ngokhetho lukazwelonke ngoMeyi 29, ezobe esebenzela ezindaweni ezehlukene, kubalulekile ukuthi azifake lezi zicelo zokuvota ngokuyisipesheli kwiKhomishini yezoKhetho ngoba azobe engekho ezindaweni ahlala kuzona.
Kuzokhumbuleka ukuthi kulolu khetho umuntu akakwazi ukuvota lapho engahlali khona njengoba kubalula umthetho.
Ukuze ukwazi ukusheshe uvote kumele ufake isicelo kwi-IEC sokuthi usheshe uvote lapho uhlala khona ngoMeyi 27 noMeyi 28.
“Kubalulekile ukuthi nisebenzise ilungelo lenu lokuthi nisheshe nibhalisele ukuvota ngokuyisipesheli. Uma ungakasifaki isicelo, yisikhathi esikahle ukuthi usifake ukuze ukwazi ukuvota,” kusho uMasemola.
Uyalele oKhomanda ukuthi baluleke abasebenzi ababaphethe uma kunemihlangano ukuthi babhalisele ukuvota.
Ukufaka isicelo sokuvota ngokuyisipesheli kwi-IEC kuvala ngoMeyi 3.
Khonamanjalo uMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi, uveze ukuthi kuzotshalwa amaphoyisa angu-17 000 ngesikhathi sokhetho esifundazweni.
UMkhwanazi uthe awekho amaphoyisa azohlaba ikhefu ngesikhathi sokhetho.
Uthe ukutshalwa kwalawa maphoyisa kuzodla uR40 million.
Ukhale ngokuthi kunezikhungo zokuvota abazobe beziqaphe ngelokhozi ukuze kungabi nobugebengu.
Wabalula nokuthi kumele ngabe bagxila ekuphenyeni amacala abaxakile obugebengu okubalwa ukudlwengula, ukubulala namanye kodwa kudingeka bagade ukhetho.
Kwenzeka lokhu nje, kusasa uMkhandlu woNgqongqoshe bezokuPhepha kuleli, bazophefumula ngamalungiselelo alolu khetho.
Abazobe behola lesi sithangami kubalwa uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele, owezokuVikela uNkk Thandi Modise kanjalo nowezaseKhaya uDkt Aaron Motsoaledi.