USALE enkundleni umlisa okuthiwa utholane phezulu nethimba lamaphoyisa elingagayelwa mphako eNanda. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrigadier Jay Naicker uthe umlisa oneminyaka engu30 ubefunwa uthuli.
UNaicker, uthe amaphoyisa alunywe indlebe ngomsolwa abemfuna ngoxhaxha lwamacala okubulawa kwabantu eNanda. Kuthiwa ulwazi luwaholele eZimangweni, eNanda lapho athole khona umlisa oneminyaka ewu-30 ubudala ovele wavulela ngenhlamvu ase emthela othulini.
UNaicker uthe amaphoyisa athole isibhamu ebesinezinhlamvu ezingu12 namaselula amabili kumufi. UNaicker uthe uphenyo lwabo lukhomba ukuthi lo mlisa ubefunelwa icala lokuzama ukubulala owayeyikhansela eNhlungwane. Kuvela ukuthi alikho iphoyisa elilimele ngesikhathi zithuthana ngenhlamvu.
UMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General, Nhlanhla Mkhwanazi uthe izinsuku zezigebengu zibaliwe lapha esifundazweni.
“Uyaqhubeka umkhankaso wokulwa nobugebengu njengoba kubhekwe emaholdini kaKhisimusi. Amaphoyisa azohlala ezivikela njalo uma ebhekene nezigebengu eziyingozi futhi ngeke kufe wona. Sicela izigebengu zizinikele uma zibhekene namaphoyisa ukuze zishushiswe,’’ kusho uMkhawanazi.
Amaphoyisa alokhu egxilile eNanda futhi ajube ithimba elikhethekile elizama ukudala uzinzo, sekufe inqwaba yabasolwa okuthiwa badubulana namaphoyisa.