INHLANGANO yabaholi bomdabu iCongress of Traditional Leaders of SA (Contralesa), isijoyine abacelela owayengumengameli wakuleli, uMnuz Jacob Zuma, ukuba anikezwe ushwele kamengameli.
Umengameli weContralesa, Inkosi Lameck Mokoena, ucele uMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa, ukuba anikeze uZuma ushwele uma kungase kunqunywe ukuthi kufanele abuyele ejele, ayoqedela isigwebo sakhe.
Leli khwelo lenziwe emva kwesinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo, echithe ukukhishwa kukaZuma ngoshwele wokugula.
Njengamanje kulindeleke ukuthi uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo ucacise ukuthi ngabe uZuma uzobuyiselwa yini ejele, ukuba ayoqedela isigwebo sezinyanga ezingu-15.
UMokoena uthe uZuma ufanelwe ushwele kamengameli, wabalula iminyaka yakhe neqhaza alibambile kuleli.
“Siyasihlonipha isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo kodwa njengeContralesa siyakholelwa ekutheni uhulumeni wethu kufanele ukhombise ukuzwelana noZuma. Lo muntu ubambe iqhaza elikhulu kwezepolitiki yakuleli. Sinxusa labo abazonda uZuma ukuba bamxolele.”
IContralesa ayisiyo inhlangano yokuqala ukucelela uZuma ukuba anikezwe ushwele kamengameli. Ngeledlule umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, kanye nobuholi beSanco KwaZulu-Natal, bahlabe ikhwelo elifanayo.
Ngakolunye uhlangothi, i-ANC ithe mancane amathuba okuthi icelele uZuma ushwele.
Iphini likanobhala jikelele kwi-ANC, uNkk Nomvula Mokonyane, lithe abafuni kubukeke sengathi i-ANC iyagxambukela ezindabeni zikahulumeni.
Uchaze kanje uNkk Mokonyane:“Esikubona kubalulekile njengamanje ukuthi lolu daba lusingathwa ngobuchule. Izinhlaka ezisingethe udaba zinomthwalo wokwenza isiqiniseko sokuthi abekho abantu abazokuba nezikhalazo uma seluphothuliwe udaba.”
UZuma waboshwa ngo-2021, ngecala lokushaya indiva umyalelo weNkantolo yoMthethosisekelo, owawumyalela ukuba ayophendula imibuzo phambi kweKhomishini eyayiphenya izinsolo zokuLawulwa koMbuso yiDlanzana.
Wakhishwa ejele ngoshwele wokugula esadonse izinyanga ezimbili kuphela.
Ngemva kokudedelwa kukaZuma ngoshwele, izinhlangano ezahlukene zabe sezinikela enkantolo ukuyophonsela inselelo lesinqumo.
Isinqumo sokuchitha ukudedelwa kukaZuma ngoshwele sishiye ingcabha kukhomishana wezamajele obambile, uMnuz Makgothi Thobakgale, okunguye okufanele acacise ukuthi uZuma uzobuyela yini ejele.
Njengamanje uZuma useRussia, lapho ethola khona ukwelashwa.
Akukacaci ukuthi uzobuyela nini kuleli.