AMUKELWE ngomkikizo nenhlokomo amakhansela kaMasipala weTheku, efika emzini wowayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, esigodini KwaNxamalala, eNkandla.
Inqwaba yamakhansela aseThekwini asanda kufungiswa aphume ngohele lwezimoto aphikelela eNkandla, ethi ayobona uZuma ngoLwesine. Ngesikhathi etheleka amakhansela, kube nenhlokomo yabantu abebemi ngaphandle komuzi bedlubhe imibala kaKhongolose.
Ngesikhathi kufika ujenge lwezimoto kuqaphelekile ukuthi ikhona ebidonsa inqola enenkunzi ebomvu okuthiwa yisipho ebisozokwethulwa kuZuma.
Kunemibiko ethi amakhansela ayobonga uZuma ngeqhaza lakhe ekubuyiseni uMasipala weTheku, owacishe wahlithwa ngamanye amaqembu emuva kokhetho. Abazithamundayo, bathi uZuma wasebenzisa ubudlelwano bakhe nempunyela ewumholi we-Abantu Batho Congress (ABC), uMnuz Philani “PG” Mavundla, owagcina ehlomula ngesikhundla sePhini leMeya yeTheku.
Bekulokhu kubikezelwa ngalolu hambo lwakwaZuma phakathi nesonto. Kuzwakale ikhansela uNtando Khuzwayo eqinisekisa ukuthi bazophuma ngezinkani baye kuZuma bayombona ngoba bebengakaze bahlangane naye selokhu adedelwa ejele ngoshwele.
Ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal buziqhelanisile nalolu hambo, buthi abubikelwanga muntu ngalo kodwa ngeke buvimbe abantu abafuna ukuyobona uZuma.