ALIKHO nelilodwa ibhishi laseThekwini elingene ohlwini lwamabhishi asezingeni lomhlaba futhi aphephile, iBlue Flag, kulo nyaka.
Isikhungo esiqinisekisa izinga lamabhishi, iWildlife and Environment Society of South Africa (WESSA), sisanda kukhipha uhlu lwamabhishi athole iBlue Flag onyakeni u-2022/23. AwaseThekwini awabonwa ohlwini.
Amabhishi angene kulo luhlu KwaZulu-Natal, akuMasipala iRay Nkonyeni ayisithupha, amathathu akuMasipala waKwaDukuza aqalayo ukungena kulo luhlu I-Blue Flag ngenye yezinto eziheha izivakashi ngoba zisuke zazi ukuthi amanzi akhona aphephile. Njengoba lingekho nelilodwa ibhishi laseThekwini elifakwe kulo luhlu, amabhishi amaningi aseThekwini ake avalwa ngenxa yokuthi abenezinga eliphezulu legciwane i-E.coli etholakala endleni, kulandela ukuqhuma kwamapayipi amaningi nokonakala kwengqalasisiza ehambisa indle ngesikhathi kuhlasele izikhukhula kuleli dolobha.
UMnuz Msawakhe Mayisela okhulumela uMasipala weTheku, uthe izinga le-E.coli selehlile laba sezingeni elamukelekile, bazimisele ukwamukela izivakashi ezifisa ukuzozithokozisa emabhishi.
Uthe kusukela ngoDisemba 15 wonke amabhishi azobe evuliwe.
"Ngeke saqhathaniswa namanye amadolobha okwamanje ngoba ingqalasizinda yethu yonakelele ngenxa yezikhukhula ezisihlasele. Njengamanje iyalungiswa, sizoyithola iBlue Flag ngokulandelayo," kusho yena.
UMnuz Philip Sithole wophiko lokuThuthukiswa koMnotho nokuHlela kuMasipala weTheku, ucashunwe kweminye imithombo yezindaba, ethi umasipala unalo uphiko oluhlola ukuphepha kwamanzi. Lolo phiko luhlale luwahlola amanzi uma kukhona okungahambi kahle luyasho.
"I-Blue Flag ngenye yezinto eziqinisekisa ukuphepha kodwa akukho ukuthi uma singenayo amanzi ethu kawaphephile," kusho uSithole.