THOKOZANI NDLOVU
AKHONJWE indlela amalungu amabili ohlelo loMzansi Magic, i Diski Divas uWendy Parker noKatlego ‘Kat’ Mohoaduba.
Uhlelo luxoxa ngempilo yabesifazane abashade nabadlali bebhola, abathandana nabo kanye nasebahlukana nabo.
Ukuxoshwa kukaWendy Parker noKatlego kusukela esigamekweni sangesonto eledlule lapho kushayane khona uNonhle Ndala noWendy Parker estudiyo seKaya FM.
UBongi Potelwa woMzansi Magic uthe okwenze kwaxoshwa uWendy noKat wukuthi yibona abahlanganyela uNonhle.
“Ngokuqonda kwethu uNonhle washaywa uWendy noKat. Akazange aphindisele futhi wasuka endaweni yesigameko. Ngalolu suku uKatlego wayelinde ukuthi uma kukhona ofika sekwedlule isikhathi phakathi kukaWendy noNonhle kube uyena ovala leso sikhala. Ngesikhathi ingxabano iqhubeka sebengasekho emoyeni kungaleso sikhathi okungenelele ngaso uMohoaduba,” kusho uBongi.
Uthe uWendy noKat basazobonakala amasonto amabili ngaphambi kokuba banyamalale njengoba iziqephu eseziqoshiwe zizoqhubeka nokutshengiswa. Usho kanjena nje uBongi ngeledlule kuvele ukuthi kushayane uNonhle noWendy besemoyeni.
Akuzange kuvele ukuthi noKatlego uyathinteka kulesi sigameko kepha akusho ngeledlule wukuthi uyilungele impi.
Ubudlelwano bukaNonhle noMzansi Magic abuqalanga nge Diski Divas ngoba ubenohlelo lokujimisa olusanda kuphela i Bootcamp.
I Diski Divas ikhuluma ngoNonhle Ndala othandana no-Andile Jali, Wendy Parker ongunkosikazi kaBernard Parker, Katlego ‘Kat’ Mohoaduba owayethandana noJimmy Tau, Felicia Modise owayeshade noTeko Modise noGaositwe ‘Gigi’ Pule ongunkosikazi kaTokelo Rantie.
Okunye osekuvelile ngezinhlelo zakwaDStv ezikhuluma ngempilo yangempela yabantu wukuthi ezinye akuzona ezangempela.
Kusanda kuvela ukuthi ohlelweni oluveza impilo yezingane zeziqumama ezidla izambane likapondo i Rich Kids, kukhona ongesona isicebi osebenzisa izimpahla zomngani wakhe.
Kuvela ukuthi esinye seziqephu ze Rich Kids saya emoyeni uphrojusa esetholile ukuthi ozovezwa akanalutho kodwa uzosebenzisa izinto zomuntu amaziyo. Ngenxa yokuthi isikhathi sasingasekho wayeka uhlelo lwaya emoyeni.
UCheryl Reddy wezokuxhumana kwaM-Net uthe sebezwile ngezinsolo ezibhekiswe kwi Rich Kids.
“Sisaxhumana nabathintekayo ukuthola iqiniso ngalezi zinsolo. Uma kukhona owenze okuphambene uM-Net ngeke ungabaze ukumthathela izinyathelo nokungaholela ekutheni uhlelo luqedwe,” kusho uCheryl.