IHHOVISI lomsunguli we-IFP nongundunankulu kaZulu, inkosi Mangosuthu Buthelezi, lithi usalokhu esesibhedlela exilongwa ngodokotela abamqaphe ngelokhozi.
Okhulumela ihhovisi likaShenge, uNksz Liezl van der Merwe, uthe nakuba engakadedelwa esibhedlela kodwa uyelulama.
UButhelezi wangeniswa esibhedlela emuva kokuzwa izinhlungu emzimbeni ngemuva, wabe esexilongwa wadedelwa kodwa wabuye waphindela khona. UNksz van der Merwer uthe bazoqhubeka nokwazisa isizwe ngesimo sikaShenge.
“Usalokhu engaphansi kweso lodokotela esibhedlela lapho alulama khona. UMntwana nomndeni bayajabula kakhulu ngothando, ukunakekelwa, ukwesekwa nemithandazo abakutholayo ebantwini. Sizoqhubeka nokwazisa umphakathi ukuthi uMntwana uqhuba kanjani,’’ kusho uNksz van der Merwe.
Ngasekuqaleni kwesonto uMengameli we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, ekhuluma nabezindaba uthe ufisa udaba lukaShenge luphathwe ngobunono. Wathi kodwa isimo sikaShenge asisabisi futhi uyalulama esibhedlela nabo beyiqembu bathola imibiko.
UShenge oyinkosi yesizwe sakwaButhelezi, ungumholi wenguyazana ye-IFP ePhalamende kanti ungelinye lamalungu asedonse isikhathi eside kwezombusazwe. Kulindeleke ukuthi uShenge agubhe usuku lwakhe lokuzalwa ngasekupheleni kwenyanga u-Agasti, ehlanganisa iminyaka engu-95 abona ilanga.