NKOSIKHONA CELE
ABEFUNDISI baphumele obala bathi amathemba abo sebewabeke enhlanganweni ebunjwe ngesisekelo sezeNkolo, i-African Transformation Movement (ATM).
Bagonyuluke ngalokhu eralini yakamuva yaleli qembu ebibanjelwe eWestridge, eMayville.
UMfu Thulani Gwala onguSihlalo wenhlangano uHlangana Zayoni, uthe bakholwa ukuthi kukhona okungcono okungeza ne-ATM.
Lokhu uthe ukusho ngoba leli qembu limbeka phambili ngazo zonke izikhathi uNkulunkulu.
Ngokusho kukaGwala, ngendlela izinto ezimapeketwane ngakhona ezweni, sekudingeka iqembu elingeke limdele uNkulunkulu.
"Uma ubheka indlela izinto eziyiyo ezweni lethu iNingizimu Afrika, akukho nokuncane nje ukungabaza ngokuthi sidinga uhlobo olunjani lweqembu lezepolitiki. I-ATM okuhle ngayo ukuthi iyakuqonda kahle kamhlophe ukuthi yini efunwa ngabantu abangamakholwa ngaleli zwe,'' usho kanje.
UGwala uthe kunemithetho eyagunywazwa eNingizimu Afrika ebuye izwakale iphikisana nezinto amaKhrestu akholelwa kuzona.
Bekukhona noMfu Sithembiso Zondo wodumo lwezinkulumo ezakhayo.
Ulimise ngesihloko elokuthi elakhe ivoti liya kwi-ATM. Uthe kuhle ukubona iqembu elikholelwa kakhulu ezimisweni zikaNkulunkulu.
Uthe kuningi kakhulu okumhlaba umxhwele ngaleli qembu. Wathi imigomo yalo icacile futhi iqhakambisa ubuntu.
UMphostoli Mxolisi Phakathi oyilungu lesiShayamthetho KwaZulu-Natal futhi oyilungu lokuqina le-ATM uthe uyabanxenxa abefundisi ukuba bayeseke i-ATM.