ABABEMISWE ebandleni lamaNazaretha ngaphansi kobuholi boNyazilwezulu bathi bayabuyela manje ebandleni ngoba umholi uhlangothi lwakhe oluvunwe yiNkantolo yoMthethosisekelo ukuhola ibandla, iNkosi Phinda “Kukhanyakwelanga“ Shembe ethe mababuyele ebandleni.
UKukhanyakwelanga kwenze isimemezelo emva kwesinqumo senkantolo. Lo mholi okunguyena osegunyazwe yinkantolo ukuhola ibandla lamaNazaretha ohlangothini lwaseBuhleni, uthe ukumiswa kwabo kwakungekho emthethweni ngoba bamiswa ngaphansi kobuholi obungafanele.
Kuthiwa kwamiswa inqwaba yabafundisi, abashumayeli abavangeli namalungu ebandla angenazikhundla ebandleni.
Omunye wabafundisi osekuneminyaka amiswa ebandleni, uthe abakuboni okuzobavimba ukuthi babuyele manje ebandleni njengoba eseshilo umholi wamaNazaretha ovunwe yinkantolo.
“Baningi kakhulu abantu abamiswa ebandleni kusuka ngo-2011 kuqala icala lombango wokuhola ibandla. Abanye sebaze bashona bemisiwe ngoba akekho obezimisele ngokuya kwelinye ibandla ngaphandle kokuba ngamaNazaretha. Njengoba sekuthiwa masibuyele, ngeke sisapholisa maseko siyabuyela manje enkonzweni njengoba sekuneminyaka sihleli singakhonzi ndawo ngenxa yokuthi samiswa,” kusho umfundisi.
Okhulumela umholi Ukukhanyakwelanga, uMnuz Nkululeko Mthethwa, uthe kuyabajabulisa ukuzwa ukuthi kukhona abantu abamlalelayo umholi.
“Okwamanje bazophazanyiswa yindaba yeCovid-19 njengoba izinkonzo zisamisiwe kodwa kumele bazi ukuthi sebemukelekile ukuthi baqhubeke nokukhonza. Uma kukhona abahlangabezana nezinkinga emathempelini abo sicela basazise ukuze singenele ukubasiza ukuthi bakhonze ngokukhululeka uma sekuvuliwe,” kusho uMthethwa.
Okhulumela uMnuz Mduduzi “Unyazilwezulu” Shembe, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe umholi wubevele engabamisi abantu ebandleni.
“ Bakhona esezwa ukuthi bamiswa kodwa bekungewona umyalelo wenkosi Unyazilwezulu. Inkosi kayibamisi futhi kayibaxoshi abantu ebandleni. Kodwa kukhona abebenza izinto ngendlela yabo engagunyazangwa nguumholi. Umholi uyathandazela kuphela, akangeni ezindabeni zokumiswa kwamalungu ebandla enkonzweni. Wubungekho nombiko oqondile obulethwa kumholi ngokumiswa kwabo, okuyinto ebiyenza kube nzima ukuthi angenele. Engingakusho njengamanje wukuthi sicela ukuthi kukhulekelwe inkosi Unyazilwezulu kulesi simo ebhekene naso ngoba ibandla lamaNazaretha liyinhliziyo nomongo wabo bonke abantu abamnyama,” kusho uMncwabe.