ABASOLWA ababili ecaleni lokufa komrepha u-AKA ababhajwe eSwatini, baqinise ithimba labo ngeziqongqwane ezimbili zabameli ezimele abanye abasolwa kuleli.
U-AKA wadutshulwa wabulawa nomngani wakhe uTebello “Tibz” Matsoane eThekwini nyankenye.
U-AKA nomngani wakhe bakakiswa okwezinyamazane bacoboshiswa ngenhlamvu bengaphandle kwendawo yokudlela iWish on Florida, eyagcina ngokuvalwa. Kusolwa ukuthi abalisa babeqashiwe ukuthi bacoboshise u-AKA futhi amaphoyisa athi anabo bonke ubufakazi.
Abalisa abahlanu abakuleli baveza ukuthi bayawaphika wonke amacala ababekwe wona basola uMbuso ngokuphumputha. Bayisikhombisa abalisa ababoshelwe leli cala kodwa ababili babhajwe eSwatini lapho baboshwa khona begobe amadlangala.
UMnuz Siyabonga Gezani Ndimande owaziwa ngoNxele noMnuz Malusi Dave Ndimande, baboshelwa eZone 4, eMbabane, eSwatini lapho babeqashe khona. Kuliwa indaba yokuthi izinsizwa zakwaNdimande zibuyiselwe kuleli zizobhekana namacala azo.
Izinsizwa zakwaNdimande bezivele eNkantolo yeMantshi kwaManzini eSwatini izolo kuzolalelwa udaba lwazo. Kuvele ukuthi isicelo sokuzibuyisa esivela kuleli sesafika kodwa abameli basafuna ukusicubungula babonisane nabasolwa.
Kuvele nokuthi baphezu kwemizamo yokuthi basebenzise abameli abasuka kuleli ababili. Omunye wabameli uYolanda Geilink ongummeli kammangalelwa wesithathu uMnuz Eddie Myeza. Omunye ummeli nakuba engadalulwanga kodwa kuvelile ukuthi naye usuka kuleli.
Kuvele ukuthi uGeilink usevele ukhona eSwatini kodwa usaqedela imicilikisho yamaphepha amgunyaza ukuthi asebenze. Abasolwa abaseSwatini bavele banaye ummeli uMnuz Sivesonke Ngwenya okunguyena olokhu ephethe udaba lwabo selokhu lwaqala.
IMantshi, uMnuz David Khumalo, ilihlehlisele uMeyi 14 nonyaka udaba ukuze kubhekwe kabanzi isicelo sokubabuyisa bese beyaphawula ukuthi bayasiphikisa yini.
Abalisa ababoshwe kuleli abahlanu basazama ukuthola ibheyili kodwa udaba lwabo luguqele uMeyi 2 nonyaka lapho kuzoqhutshekwa khona.