UMMELI kaJub Jub, u-Adv Terrence Baloyi, uthi kuyaxaka ukuthi abamangali babeyekeleni ukuvula amacala ngesikhathi kwenzeka izigameko abakhala ngazo.
UBaloyi ukhulume nabezindaba ngaphandle kweNkantolo yeMantshi eJohannesburg lapho bekuvele khona uJub Jub, izolo.
Ubhekene namacala okudlwengula, ukuzama ukubulala nokushaya.
Kuvela ukuthi amacala athweswe uJub Jub, awumvuka wasendulo njengoba kuthiwa kusolwa ukuthi ngabantu abathi bagilwa eminyakeni eminingi edlule. UMbuso umile kwelokuthi unabo ubufakazi ozogojela ngabo uJub Jub, uzobuneka uma sekushaye isikhathi.
UJub Jub, igama lakhe langempela okunguMolemo Maarohanye, ungaphandle ngebheyili ayithola ngoJulayi emuva kokuzinikela emaphoyiseni eBrixton.
Wathola ibheyili ka-R10 000 ehambisana nemibandela yokuthi ahambise izincwadi zakhe zokuhambela amanye amazwe futhi akasavumelekile ukuphuma kuleli.
UBaloyi uthe uma bebuka la macala, anokuba yimbudane nje kodwa akathandi ukwanda kakhulu ngoba wudaba olusazobangwa enkantolo kushunqe uthuli. UBaloyi uthe kukhona nabasafuna ukukucubungula kabanzi, axoxe nomuntu ammele.
“Kukhona okungahlangani kahle la. Umuntu uma edlwenguliwe, bese kuphela iminyaka engasho lutho, kusho ukuthini lokho? Yinto okwakufanele isheshe ibikwe phela leyo. Ukhona umuntu ongathi wagilwa eminyakeni engu-20 edlule? Hhayi akucaci kodwa-ke angiyibambe lapho,’’ kusho uBaloyi.
Uveze nokuthi umsebenzi wekhasimende lakhe uyaphazamiseka ngenxa yokuthi lihamba amacala. Uthe akazi noma uMbuso kukhona yini into ephathekayo oyiphethe esandleni ngamacala athweswe uJub Jub.
UJub Jub ufike enkantolo ephelezelwa yiviyo labaqaphi abebenze uthango eduze kwakhe, bengafuni ngisho kusondele abezindaba. Bamgugushe njalo bamngenisa enkantolo, wangahlala kakhulu. Kuphinde kwaba yiso leso esephuma.
UJub Jub wodumo lwengoma ethi Ndikhokhele, wake walahlwa amacala okubulala ngokungenhloso, ukuzama ukubulala nokushayela edle izidakamizwa emuva kokuthi ashayisa abafundi ngesikhathi bedlala ngokujahana nabangani bakhe ngezimoto.
Kulindeleke ukuthi uJub Jub abuyele enkantolo ngoFebhuwari 5. Imantshi uBetti Khumalo ithe udaba lungase luthuthelwe eNkantolo eJeppe.