ABAMANGALELWA ecaleni lokufa kukaSenzo Meyiwa bathi bagabe ngofakazi wabo oyiphoyisa ozobizwa azochitha okushiwo wozakwabo abangabaphenyi.
Ummeli wabamangalelwa u-Advocate Thulani Mngomezulu, uthe bazobiza ufakazi uWarrant Officer Meshack Makhubu onobufakazi obuphikisana nabaphenyi.
UMeyiwa owayeyisilomo se-Orlando Pirates neBafana Bafana, wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo eVosloorus, eGauteng ngo 2014.
Kuboshwe abalisa abahlanu abaquliswa icala lokufa kukaMeyiwa kodwa bayawaphika wonke amacala abethweswe wona.
UMbuso umi kwelokuthi abamangalelwa bathengwa, base bemphumela inqina uMeyiwa bamkakisa okwenyamzane bamjuqa.
Ummeli uMngomezulu ubepheka ngemibuzo uSergeant Batho Mokgola ngesikhathi eveza ukuthi bazobiza uMakhubo oyiphoyisa.
UMngomezulu usola abaphenyi becala ngokungathembeki ngendlela abasebenze ngayo udaba lokufa kukaMeyiwa.
UMngomezulu uthe amaphoyisa abopha ummangalelwa wokuqala uMuzikawukhulelwa Sibiya enza sengathi ambophela olunye udaba kodwa asembuza ngolukaMeyiwa.
Uthe ngesikhathi embopha athatha iselula yakhe eyiphenya ngodaba lukaMeyiwa kodwa ebe engaboshelwe lona nokuyinto ekhomba ukungathembeki.
UMngomezulu uthe amaphoyisa ahlukana phakathi ngalolu daba ephikisana ngesikhathi sekufanele kube khona ababoshwayo.
Phambilini elinye iphoyisa lafakaza lasho ukuthi abaphenyi bahlukana phakathi.
Uthe ngaphandle kukaMakhubo kunabanye ofakazi abasazobizwa bezofakazela abamangalelwa kuleli cala.
Ngaphambi kwalokho uMbuso ubize uSergeant Papi Blondie Tsiye owathatha amasampula abamangalelwa olibofuzo.
UMngomezulu ucele ukuthi icala lisheshe liguqe ukuze ayolungisa kahle izitatimende zofakazi abazobizwa bezofakazela abamangalelwa.
Kulindeleke ukuthi icala liqhubeke ngoMsombuluko lapho okuzobe kubhekwe khona uMngomezulu ukuthi umisa kanjani