Izindaba

USibiya usole uMasemola nokuba yixoki

Sabelo Nsele|Published

Lieutenant General Shadrack Sibiya

Image: Oupa Mokoena / Independent Newspapers

BELIKHAFULA umlilo iPhini likaKhomishana wamaPhoyisa, uLieutenant General Shadrack Sibiya, ngesikhathi livele phambi kwekhomishini ephenya izinsolo ezenziwa wuKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.

USibiya usole umphathi wakhe, uKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke, uLieutenant General Fannie Masemola, ngokuba yixoki.

USibiya uphinde wagadla ephindelela kuMkhwanazi  naseqenjini lezombusazwe iMKP.

USibiya ubenikezwe inkululeko yokuba aziphendulele ezinsolweni abhekene nazo izolo njengoba bekuwusuku lokuqala evele phambi kwekhomishini.

USibiya usole uMasemola ngokuba mbaxambili odabeni lokuhlakazwa kwethimba lamaphoyisa eliphenya ukubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal.

Fannie Masemola

Image: Oupa Mokoena

USibiya uthe uMasemola wavuma ukuba kuhlakazwe ithimba, wathi kepha wayenza sengathi akahambisani nokuhlakazwa kwethimba uma ekhuluma nabantu abangahambisani nokuhlakazwa kwalo okubalwa kubo noMkhwanazi.

"Ngangizitshela ukuthi siyahambisana noMasemola kanti angibuzanga elangeni. UMasemola wayeyishaya emuva aphinde ayishaye phambili. Wayefuna ukuba muhle kuzo zonke izinhlangothi. Kahle hle mina ngangingahlangene nale nto yokuhlakazwa kwethimba. UMasemola  owangifaka kuyona. Uyena owangibhalela umyalezo othi akulandelwe umyalelo kaMchunu (uNqongqoshe wamaPhoyisa omisiwe, uMnuz Senzo) wokuba kuhlakazwe ithimba. Angazi ukuthi lo myalezo wayengawuthumeli ngani kuKhumalo ngqo. Mina ngifela ukuthi ngadlulisela umyalezo kuKhumalo."

USibiya uthe amacala amaningi ayephenywa yithimba ayengenanqubekela phambili.

"Iningi lamacala lalingaphenywa. Amanye ayegcine ukuphenywa ngo-2023. Ngokwamadokodo u-18% kuphela wamacala akhombisa ukuthi ayephenywa ngo-2025. Angu-22% akhombisa ukuthi ayegcine ukuphenywa ngo-2024. Amanye ayegcine ukuphenywa ngo-2019 nango-2018."

USibiya uthe akukho okumhlanganisa nosomabhizinisi obhekene namacala, uMnuz Vusumuzi 'Cat' Matalala.

USibiya uthe izingxoxo ezavezwa wuMkhwanazi zikubeka kucace ukuthi akukho lapho  uMatlala ayekhuluma naye.

"Angikaze ngikhulume noMatlala kodwa ke into evelayo wukuthi yena uMatlala wayekhuluma ngegama lami. Kuyabonakala vele nakulezi zingxoxo ukuthi akukho lapho mina ngathumela umyalezo. Abantu ababexoxa wuMatlala nomuntu okuthiwa uBrown Mogotsi.  Ngiyaphika ukuthi uMatlala ungumngani wami."

USibiya ukhale ngabantu abakhuluma kabi ngaye ezinkundleni zokuxhumana.

USibiya uthe uMkhwanazi kuhlezi kukhulunywa kahle ngaye ezinkundleni zokuxhumana.

Wenze izinsolo zokuthi uMkhwanazi uyingxenye yabantu ababhala ezinkundleni zokuxhumana.

Ubuzwe ukuthi unabo yini ubufakazi balokho wathi cha.

USibiya usole amalungu eMKP ngokufuqa umkhankaso wokuthi axoshwe esikhundleni.

USibiya uthe iMKP yayihola imibhikisho yokweseka uMkhwanazi, wathi yaze yamvulela ngisho icala.

"Ngathi ngizihlalele nje ehhovisi ngezwa umsindo wabantu ababebhikisha ngaphandle. Ngangithola imiyalezo ezinkundleni zokuxhumana eyayithi ngizoyikhotha imbenge yomile uma ngike ngathinta uMkhwanazi."

USibiya uthe nangesikhathi exoshwa emaphoyiseni usihlalo weMKP, uMnuz Nathi Nhleko, uyena owayengungqongqoshe wamaphoyisa.

Uthe umholi weMKP, uMnuz Jacob Zuma, wayengumengameli wezwe ngesikhathi exoshwa emaphoyiseni.

USibiya uzoqhubeka nokwethula ubufakazi namhlanje lapho ezobe esephekwa khona ngemibuzo.