Izindaba

Usephenduke undingasithebeni oxoshwe umphakathi kolindela

Sabelo Nsele|Published

Abantu abangenamakhaya

Image: Mthembeni Vuma

KUNZIMA kowesifazane nezingane zakhe ezintathu abakhishwe ngoshova wumphakathi kolindela abaseLamontville, ababizwa ngokuthi kuseMathinini.

UNksz Lungelwa Ndlela usehamba equba emva kokuba amalungu omphakathi emkhiphe ngoshova kulindela wakhe ngoMsombuluko ebusuku kanti ubesehlale kuwona kusukela ngo-2009, elinde indlu yomxhaso.

Uthe uhlaselwe yiqulu labantu elimyalele ukuba aphume aphele kolindela, lasabisa ngokuthumba izingane zakhe uma engafuni ukuphuma, wathi iqulu lithe lifuna athuthe endaweni ngenxa yokuthi ingane kadadewabo yalimaza enye ingane yasendaweni.

UNksz Ndlela uthe akazi ukuthi kungani ejeziselwa izono zengane kadadewabo ngoba ingane iboshiwe, kwaphinde kwaxoshwa nodadewabo.

"Ngikhuluma nje, ingane iseWestville (ejele), udadewethu naye uxoshiwe. Izingane zami azisayi esikoleni ngenxa yokuthi ngiswele indawo yokuhlala. Enye bekufanele iye esibhedlela. Inenkinga yokungezwa endlebeni. Bekufanele iyohlinzwa, ifakwe okuzoyisiza ukuba izwe. Ayibange isaya ngenxa yesimo."

Uthe usehamba ehlala, wathi ngoMsombuluko, walala emnyango.

"Sifuna indawo yokuhlala asiyitholi, nalana engicuphe khona kugcwele. Ngisizwe nje umuntu ongijwayele wangibekisa izimpahla zami."

UNksz Ndlela uthe kade zazimphutha izindlu zomxhaso.

"Kade ngahlala lapha kolindela. Izindlu zitholwa abantu abafika emva kwethu, thina sisale."

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aphenya icala lokucekela phansi impahla.

UNetshiunda uthe uNksz Ndlela uhlaselwe amadoda afika alahla izimpahla zakhe emnyango.

Ikhansela le-DA kuMasipala waseThekwini, uMnuz Sithembiso Ngema, lithe kuwumkhuba owajwayelekile ukuthi kuxoshwe abantu kolindela uma kunohlelo lokwakhiwa kwezindlu oluzayo.

"Abantu bajwayele ukuvele basuse umsindo, bakhiphe abantu kolindela bese befaka abangani nezihlobo zabo. Basuke benzela ukuthi uma sekubhaliswa izindlu, abantu abasuke bebhalisa  bafice izihlobo zabo kolindela. Izihlobo zabo zisuke sezigwevile kolindela kugcine kuphutha abantu abafanelwe ukuthola izindlu."

Imizamo yokuthola ukuphawula kukasihlalo wekomiti lezokuHlaliswa kwaBantu kuMasipala waseThekwini, uMnuz Themba Mvubu, ayiphumelelanga.