Izindaba

Ibhekene nezembe imenenja kaMasipala waseMpendle

Sabelo Nsele|Published

Ziyaqonga izinkinga kumasipala waseMpendle

Image: Pixabay

ILENGELWA yizembe imenenja kaMasipala waseMpendle, uMnuz Zakhele Tshabalala, njengoba umkhandlu usuyibekele izinsuku eziyisikhombisa ukuba ichaze ukuthi kungani kufanele ingamiswa emsebenzini?

Umhlangano womkhandlu uthathe isinqumo sokubhalela uTshabalala incwadi izolo, njengoba esolwa ngokwehluleka ukwenza umsebenzi wakhe.

Phakathi kwezinto okufanele aziphendulele kuzo; ukungaholi kwabasebenzi, ukwehluleka komkhandlu ukusebenzisa imali egcine ibuyela emumva nezinsolo zokuthi uTshabalala wasebenzisa incwadi ewumgunyathi ngesikhathi eyofuna imali ebhange.

IMeya, uMnuz Kwenzakufani "Kho" Dlamini, ikuqinisekisile ukunikwa kukaTshabalala incwadi.

"Kuzofanele aphendule kulezi zinto ngoba uma ubheka vele zithinta umsebenzi wakhe. Uyena okufanele enze isiqiniseko sokuthi abasebenzi bayahola aphinde enze isiqiniseko sokuthi umasipala usebenzisa yonke imali osuke uyabeliwe ukuze agweme ukuthi igcine isiphendela emuva."

Isolezwe lithole ukuthi uTshabalala unikwa incwadi nje, naye ubekade enikeze izikhulu ezimbili zomkhandlu izincwadi zokuzimisa emsebenzini.

Lezi zikhulu ezimbili Isolezwe elinazo amagama azo, kuthiwa zinikezwe izincwadi zokuzimisa ngoLwesibili ebusuku.

UDlamini uthe ubengakabikelwa ngokumiswa kwazo.

Imizamo yokuthola ukuphawula kukaTshabalala ayizange iphumelele njengoba ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa. Amaqembu ezepolitiki ahlukene phakathi ngokumiswa kukaTshabalala.

Isolezwe lithole ukuthi ngisho namakhansela e-ANC imbala abehlukene phakathi ngalolu daba.

Kuthiwa amakhansela amane i-ANC eyamemezela ukuthi iyawamisa emsebenzini, iwona abeseka ukuba uTshabalala abhalelwe incwadi.

Loyo owayeyimeya, uMnuz Buyisani Mlaba naloyo i-ANC eyayifuna ukuba aqokelwe kwesobumeya, uNksz Nonjabulo Ndlovu, kuthiwa bona bebengahambisani nokuthi uTshabalala abhalelwe incwadi.

Ikhansela le-IFP, uMnuz Sadewu Ngubane, lithe bayakwamukelwa ukubhalelwa kukaTshabalala incwadi.

"Sikuthokozele kakhulu ukuthi uTshabalala anikwe ithuba lokuthi aphendule ngale zinto ngoba asikwazi ukuthula kube engathi akwenzekile lutho. Umkhandlu usenkingeni enkulu. Umkhandlu wethu uguqe ngedolo, awusakwazi ukwenza umsebenzi wawo. Sikulolu bishi esikulo nje ngenxa yokuthi besingazitholi izimpendulo ezicacile."

Ikhansela le-EFF, uMnuz Sifiso Zuma, lithe abanankinga nokuthi uTshabalala athathelwe izinyathelo kodwa lakhala ngokungathathelwa kwabanye izinyathelo.

UZuma uthe ziningi ezinye izikhulu namakhansela asolakala enkohlakalweni.

"Manje kuzokuba inkinga uma bezojaha ukumisa uTshabalala yedwa. Kufanele bathathelwe bonke izinyathelo."