Umkhuzi wamaphoyisa kazwelonke General Fannie Masemola esithangamini nabezindaba esibanjelwe ngaphandle kwehhostela iSaulsville ePitoli
Image: Oupa Mokoena
Umkhuzi wamaphoyisa kazwelonke General Fannie Masemola uthi ecaleni likaMarius van der Merwe (uFakazi D kwiKhomishini kaMadlanga), sekuhlonzwe abantu abathathu abazophenysiswa. Uyedwa osephonswe imibuzo njengoba uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka.
UMasemola usho lokhu esithangamini nabezindaba esibanjelwe ngaphandle kwehhostela iSaulsville ePitoli.
UVan der Merwe wadutshulwa wabulawa ngoLwesihlanu mhla zi-5 kuZibandlela ngabantu abangaziwa ngaphandle komuzi wakhe eBrakpan, eGauteng. Ubeyilungu lamaphoyisa kamasipala waseKurhuleni (EMPD). Usanda kwethula ubufakazi kwikhomishini kaMadlanga ngezinsolo zobugebengu nenkohlakalo ku-EMPD nakuMasipala waseKurhuleni. Nakuba ubuyena bafihlwa ngesikhathi enikeza ubufakazi, izwi lakhe alizange licashiswe.
UVan der Merwe ubenanenkampani eqopha ezokuphepha i-QRF Task Force ebiqhuba umsebenzi wokulwa nokumbiwa kwezimayini ezingekho emthethweni.
Imibiko iveza ukuthi ngaphambi nje kokubulawa kwakhe, waveza inhloso yakhe yokudalula izikhulu zombuso okuthiwa zithinteka ezimayini ezingekho emthethweni.
Ethula umbiko wakhe, uGen Masemola uthe: ngophenyo luka-Marius van der Merwe "Siyazethemba ukuthi maduze sizothatha igxathu eliya phambili njengoba amaphoyisa asebenza ngokuzikhandla ukuqoqa ulwazi olubalulekile."
"I-NATJOINTS, ngokubambisana nekhomishini kaMadlanga, bahlangane futhi benza uhlelo lokuqinisa nokuqinisa ezokuphepha ezikhulwini nofakazi abaxhumene nekhomishini."