Idlule nemiphefumulo yabayisikhombisa ingozi eyenzeke kuN12 eMpumalanga
Image: Sithunyelwe
Kushone abantu abayisikhombisa engozini enyantisayo eyenzeke ku-N12 phakathi kwase-Ogies naseMalahleni ngoMsombuluko ekuseni.
Okhulumela uMnyango wezokuPhepha, ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi eMpumalanga, uMoeti Mmusi uthe kushayisane imoto yohlobo lweNissan light delivery vehicle (LDV). Kusolakala ukuthi umshayeli wenye yalezi zimoto uhlulekile ukuyilawula, yaphuma yawelela ohlangothini olphambanayo.
Umnyango uthe ukwakhiwa komgwaqo kune-median ebanzi ehlukanisa izinhlangothi zombili, okubonisa ukuthi imoto ewele ngaphesheya kungenzeka ukuthi ibihamba ngesivinini esikhulu ngaphambi kokuba ithinteke.
Bahlanu abebehamba ngemoto yohlobo lweSedan abashonile kule ngozi eyenzeke ngoMsombuluko ekuseni.
Image: Sithunyelwe
Bonke abantu abayisikhombisa abebehamba ngezimoto ezimbili bashonele endaweni yesigameko.
Abahlanu abashonile bebehamba ngemoto yohlobo lwe-sedan – abesifazane ababili nabesilisa abathathu – kanti abagibeli beNissan ababili, abesilisa, nabo bashonile.
“Uphenyo mayelana nale ngozi lwenziwa amaphoyisa, iRoad Traffic Management Corporation kanye noMnyango wezokuPhepha koMphakathi, ukuPhepha nokuXhumanisa seluyaqhubeka.
“Iziphathimandla zithi ngeke kushiywe ngaphandle ukushayela budedengu,” kusho uMmusi.
Babili abebesevenini yohlobo lweNissan, bafe ujuqu
Image: Sithunyelwe