Kuphumelele umsunguli we-please call me uNkosana Makate enkantolo embangweni wenkokhelo yakhe asanda kuyithola kwaVodacom ngemuva kweminyaka.
Image: Timothy Bernard/ African news Agency (ANA)
INkantolo eNkulu yaseGauteng, eGoli, isichithile isicelo esiphuthumayo seBlack Rock Mining kanye nomtshalizimali u-Errol Elson sokulondoloza u-40% wenkokhelo ka-“Please Call Me” kaNkosana Kenneth Makate yakwaVodacom.
Le nkampani iphendukele enkantolo ukuthi imali ifakwe kwi-trust, kusalindwe elinye icala, njengoba ithi ixhase izinyathelo zomthetho zikaMakate ezithathe isikhathi eside futhi inelungelo lokunqanyulwa.
Kodwa iJaji elibambile uDon Mahon ngoMsombuluko lithe ekwahluleleni kwalo isicelo sale nkampani asiphuthumi, njengoba singekho isizathu sokukholelwa ukuthi uMakate uzoyisebenzisa le mali, ngakho asikho isizathu sokuvikela imali ngokushesha.
Le nkampani ithe yenza isivumelwano noMakate ngo-2011 sokumkhokhela imali tempi yakhe ende yezomthetho noVodacom ukuze athole isinxephezelo mayelana nobunikazi bePlease Call Me.
Ngesikhathi uVodacom efinyelela esivumelwaneni esiyimfihlo noMakate, okunamahlebezi ukuthi silinganiselwa ku-R700-million, u-Elson wafuna ukuba anqunyelwe elake iqatha.
Ngakolunye uhlangothi, uMakate uthe le nkampani yagcina ukumkhokhela ngo-2014 futhi yehlulekile ukugcina izivumelwan zenkontileka.
Ngokwesivumelwano, inkampani izoxhasa icala likaMakate noVodacom ukuze ithole u-40% wanoma iyiphi imali etholwa uMakate. Ubudlelwano phakathi kwabo, nokho, bonakala ngasekupheleni kuka-2014 ngenxa yezinsolo zokwephulwa kwesivumelwano soxhaso. Ngo-2015, abameli bakaMakate basesula isivumelwano, inkantolo yatshelwa.