Izindaba

Itholwe e-Alex imoto eyasetshenziswa ababulali bakaVan Der Merwe

Nonkululeko Nhlapo|Published

Imoto okukholakala ukuthi yasetshenzwa ekubulaweni kwephoyisa likamasipala waseKurhuleni

Image: SAPS

Ukhomishana wamaphoyisa uGeneral Fannie Masemola uhambele umndeni wephoyisa likamasipala waseKurhuleni eyowubikela ngokuqhubekayo ngecala lakhe.

"Sihlangane nethimba labaphenyi ngecala lokubulala uMnuz Marius Van Der Merwe kanye ne-IPID ephenya icala lokubulala elenzeka eDuduza lapho umufi ongowokufika okuthiwa wafela ezandleni zamaphoyisa, isidumbu sakhe salahlwa edamini ngo-2022.

"Sihlangana nomndeni kaMnuz Marius Van Der Merwe ukuze siwuchazele ukuthi sikude kangakanani uphenyo ngokubulawa kwakhe. Sizoqinisekisa emndenini, ukuthi sikholwa wukuthi siyitholile imoto eyasetshenziswa ekubulaweni kukaMnuz Marius Van Der Merwe," kusho uMasemula.

Ama-video abonusa okwenzeka ngobusuku besigameko akhombisa iveni elimhlophe ima ngemuva kwemoto yakhe ngesikhathi ezovula isango lapho ehlala khona nokwathi ngemuva kwalokho wadutshulwa amahlandla ambalwa washonela khona lapho.

Njengamanje, sikholwa wukuthi iveni elimhlophe i-Chevrolet litholwe lishiywe elokishini lase-Alexandra, khona lapha eGoli liyahambisana nencazelo yemoto ebesiyifuna. Ngokophenyo lokuqala lwamaphoyisa, le moto ishiywe ngoMgqibelo ekuseni ngamadoda amabili, ngemuva kwamahora ambalwa kudutshulwe kwabulawa uVan Der Merwe.

Ochwepheshe bezindawo zobugebengu kanye nophiko oluphenya ubugebengu bezimoto bebese-Alexandra lapho imoto itholwe khona.  emgwaqeni owubhuqu, phakathi kwemijondolo.

"Imoto siyiyise elabhorethri yethu ye-forensic ukuze ibuyekezwe. Sinabantu abathathu esikholwa ukuthi bangasiza ekuxazululeni icala lokubulala uMarius Van Der Merwe. Akukho esizokushp ngalaba basolwa njengoba uphenyo lwethu selufinyelela esigabeni esibucayi kakhulu."

Ngale kwecala lokubulawa kukaMnuz Marius Van Der Merwe, siphenya amanye amacala amabili okuyicala lokubulala laseDuduza engalibalule phambilini nelokuzama ukubulala uMnuz Marius Van Der Merwe ngoSepthemba 2025 lapho aveza khona ukuthi kunabesilisa ababili abamhlophe ababemlandela ngeveni iMahindra. Sisathungatha isikhali sokubulala esasetshenziswa ekwenzeni leli cala."