Izindaba

Amathikithi eBafana kweyoMhlaba afinyelela ku-R1.3 million

Lunga Biyela|Published

Amba eqolo amathikithi omdlalo wokuqala weBafana Bafana

Image: Sigciniwe

BAZOVUMELEKA kusuka ngoLwesine abantu baseNingizimu Afrika ukufaka izicelo zokuthola amathikithi okuthamela imidlalo yeNdebe yoMhlaba eseMelika ngonyaka ozayo.

IBafana ifakwe kuGroup A eqoqweni elineMexico engabanye bosokhaya bale midlalo eqala ngoJuni 11, 2026 okuyisikhathi esiyiminyaka engu-16 kusuka la mazwe adudulana kweyeNdebe yoMhlaba eyayikuleli ngo-2010.

Ingxenye yokuqala yamathikithi angu-2 million iqale ukudayisa ngoSepthemba 10, kanti amanye alawo mathikithi awathengwanga okuzokwenza ukuba aphinde afakwe endalini. 

Njengoba amaqembu eseqhathiwe kulindeleke ukuthi ukuthengwa kwamathikithi kuhambe ngesivinini. Ngokwenkundla yamathikithi, iStubHub, kusele amathikithi angu-2% kuphela omdlalo wokuvula ozoba phakathi kweMexico neBafana. Ithikithi elibiza kancane kunawo wonke litholakala ngo-R73 623. Amanye amathikithi alapho kuzodlala khona iBafana e-Estadio Azteca eMexico City abiza u-R95 938.

Kulindeleke ukuthi ishintshe le ntengo ithi "ukuluma" kancane uma sekusondele imidlalo.

Kubalandeli abafuna izihlalo ezisendaweni ephambili enkundleni kufanele bakhokhe imali elinganiselwa ku-R1.3 million ngethikithi lilinye. Kepha nalapho kumele abasafuna la mathikithi basukumele phezulu njengoba ngokweStubHub kusele inkeshezana.

Inkundla yamathikithi esemthethweni yeFifa izovulwa ngoDisemba 15.

Njengawo wonke umuntu, abantu baseNingizimu Afrika basenalo ithuba lokuthola amathikithi azobahlalisa izindaweni ezibizayo enkundleni uma sekuvulwa futhi ukudayiswa kwawo.

Njengoba iBafana izovula lo mqhudelwano kwenye yezinkundla ezinohlonze ebholeni, kuzokhuphuka ukufunwa kwamathikithi. Kubalandeli abafuna ukuzibonela mathupha umdlalo wokuvula, kumele baqinisekisike ukuthi ababuhuqi ubuthongo futhi bazimisele ngokufaka izandla zidephe emaphaketheni abo.