Izindaba

Kuthungathwa owesifazane omuke namanzi eDundee

Nonkululeko Nhlapo|Published

Ithimba lezinhlekelele lithungatha owesifazane omuke namanzi eSibongile, eDundee

Image: Sigciniwe: KZN Cogta

Umphathiswa wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, usejube amathimba abhekelele izinhlekelele ezindaweni ezikhahlanyezwe yisimo sezulu esibi esifundazweni sonke.

NgoMgqibelo ebusuku, imvula enamandla idale wezikhukhula elokishini iSibongile, eDundee. Okudabukisayo ukuthi owesifazane oneminyaka engu-35 ubudala ugugulwe ngamanzi ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko. Imisebenzi yokumthungatha nokumhlenga iyaqhubeka, kanti isiqalile imizamo yokusiza imindeni ethintekile.

Ithimba lesibili elibhekelele izinhlekelele selithunyelwe kuMasipala uMlalazi, lapho ukuduma kwezulu okunamandla nemvula enamandla kudale umonakalo omkhulu ku-ward 16, 21, no-14.

Kwesinye isigameko, kubikwa isaguga esishaywe umbani ku-ward 8, siphuthunyiswe esibhedlela lapho esithola khona usizo lwezempilo.