Izindaba

Isishoshovu sepolitiki nencwadi egxibha amabatha kuhulumeni

Simangaliso Ntshangase|Published

INGAPHANDLE lencwadi kaHezekiel Mothupi, esihloko sithi I Was There

Image: SITHUNYELWE

ISISHOSHOVU sezepolitiki, esahlala iminyaka engaphezu kuka-30 ekudingisweni ngesikhathi kusabusa uhulumeni wobandlululo - sesibhale, sakhipha incwadi esihlose ngayo ukuneka obala wonke amabibi namabatha enziwa wuhulumeni wentando yabantu.

Lowo wuMnuz Hezekiel Kgosimang Mothupi, okhiphe incwadi esihloko sithi I Was There, azoyethula emcimbini wokuyethula ngokusemthethweni ozoba se-Apartheid Museum, eGoli ngoMgqibelo ngoNovemba 22, kusuka ngo-10 ekuseni kuya ku-12 emini.

Engxoxweni ekhethekile neSolezwe Ngempelasonto, uMothupi (93) uthe kumthathe inqwaba yeminyaka ukubhala le ncwadi aze ayiqede ngenxa yokuthi bekudingeka ukuthi aqokelele ulwazi oluningi ngayo, olunye lwayo obelubuye lumdukele, kuphoqe ukuthi aqale phansi wonke umsebenzi abesuke esewenzile ngaleso sikhathi.

"Ngididiyele futhi ngibeka obala konke okwakwenzeka ngisasekudingisweni eGhana naseTanzania kusuka ngo-1958 kwaze kwaba wu-1993, ngiveze izinto ezazenzeka lapho ezaholela ekutheni izwe lethu lifike kulesi sigaba eselikusona manje.

ISISHOSHOVU sezepolitiki uMnuz Hezekiel Mothupi, ubhale incwadi esihloko sithi I Was There

Image: SITHUNYELWE

"Ngizowabeka obala amanga nokungathembeki kwabaholi bethu bezepolitiki, nokuthi benza maphutha mani enze ukuthi silahlekelwe wumhlaba wethu esisalokhu sintingasha namanje, siwufuna kepha singawutholi ukuze ubuyele kithina banikazi bawo. Izoveza futhi nokuthi nokunye okuningi okonakele ezweni lethu koniwe wubani futhi kanjani," kulanda uMothupi.

Uthe lena yincwadi afisa ukuthi ifundwe kakhulu ngabantu abasha, ngoba yibona abangaqondi kakhulu ngomlando wezwe, okudingeka ukuthi bafundiswe futhi batshelwe iqiniso lokuthi kungani izinto zimapeketwane kanjena eNingizimu Afrika.

"Ngithemba ukuthi le ncwadi izosiza ukuphosa inselelo yokuthi kube nezinguquko ezenziwa kuMthethosisekelo wezwe lethu, bese kubekwa eqhulwini ukuthi abantu bezwe lethu bathuthuke, bavikelwe bese kuqhakanjiswa izidingo zabo," kusho uMothupi.

I-I Was There ishicilelwe yinkampani yezincwadi i-Istru Publishers kaSoweto Mandlanzi, naye olekelelile ekubhalweni kwayo. Izoqala ukutholakala ingakapheli le nyanga ngo-R290 ezitolo ezahlukene okubalwa kuzona i-Exclusive Books, i-Takealot nezinye ezisazomenyezelwa.