Izindaba

OwamaZayoni ukhuthaze abaholi ethweswa ezobufundisi

Simangaliso Ntshangase|Published

UMFU Senzo Dlamini nomkakhe uNkk Ntombifuthi Dlamini, besenkonzweni yokumhalalisela ngokuthweswa iziqu zobufundisi ebisemzini wabo oseMantungwini, eMandeni, enyakatho yeKwaZulu-Natal ngeSonto

Image: SIMANGALISO NTSHANGASE

OMUNYE wabaholi bebandla lamaZayoni iDamaseku Church of Christ uMfu Senzo Dlamini usephonsele abaholi bamahlelo ehlukene amabandla obuKristu inselelo yokukhuthalela ukuzithuthukisa ngolwazi lwemfundo ebuholini okuzosiza bahole amabandla abo ngobuqotho.

UMfu Dlamini usho njalo ekhuluma enkonzweni yokumhalalisela ngempumelelo yakhe yemfundo ebisemzini wakhe oseMantungwini, eMandeni, enyakatho yaKwaZulu-Natal, obungeSonto - lapho abememe khona abazalwane akhonza nabo ukuzomhalalisela ngokuthi usethweswe iziqu zezifundo zobufundisi azenze eZion Bible School (ZEBS).

"Okuhle kakhulu ngalezi zifundo wukuthi azigcini ngokuthi zikunike ulwazi lweBhayibheli nokunye okweyamene nalo, kepha zisiza nangokuthi uqonde futhi wazi ukuthi uma umi phambi kwabazalwane kumele ukhulume kanjani, futhi ubahole ngayiphi indlela.

KUSUKELA kwesokunxele wuMfu Senzo Dlamini, uMvangeli uSolomuzi Ndlovu, uMfu Manzokuphila Zwane noNobhala jikelele webandla lamaZayoni iDamaseku Church of Christ

Image: SIMANGALISO NTSHANGASE

"Yizifundo ezinikana amasu okuthi abazalwane baholwa kanjani, nokuthi uma benezinkinga ezahlukene zempilo jikelele wenza kanjani ukubasiza ukuze bangaphelelwa yithemba empilweni, yingakho ngikhuthaza nabanye abaholi ukuthi bakhuthale ukwenza izifundo ezinjena okuzosiza ngokuthi umsebenzi kaNkulunkulu siwenze ngobuqotho," kusho uDlamini.

Omunye futhi umholi wamaDamaseku obekhona emcimbini, uMfu Manzokuphila Zwane uthe kubajabulise kakhulu bewubuholi bebandla ukuthi omunye umholi abambisene naye ebandleni afike esigabeni lapho ezuza khona izithelo zemfundo yakhe.

INGXENYE yamalungu ebandla lamaZayoni iDamaseku Church of Christ, isenkonzweni yokuzohalalisela uMfundisi osanda kuthweswa iziqu zobufundisi

Image: SIMANGALISO NTSHANGASE

"Ngibona kuwumkhuba omuhle kakhulu lokhu akwenzile nengifisa ukuthi nabanye babonele kuyena ngoba lokhu kusiza ngokuthi uma simi phambi kwabantu esibaholayo, sibadlise into ephilayo. Ngisho ubheka eBhayibhelini, buyavela ubumqoka bokufunda ukuze ukwazi ukuba wumholi oqotho, ngakho kungakuhle ukuthi nabanye abaholi bangami ngobizo lobuholi kuphela kepha bengenalo ulwazi lokuqhuba lowo msebenzi ebandleni," kusho uZwane.

Kulo mcimbi uMfu Dlamini ubevakashelwe nawozakwabo asebenza nabo, izihlobo, abangani, omakhelwane nomndeni wakhe kuhlanganisa nonkosikazi wakhe uNkk Ntombifuthi Dlamini namadodakazi amathathu.