Izindaba

Kukhona nengane kwabangu-11 ababulewe ehhostela eSaulsville

Nonkululeko Nhlapo|Updated

Mass shooting Bangu-25 abadutshulwe eSaulsville ngokusha kwangoMgqibelo

Image: Leon Knipe

Ingane eneminyaka emithathu ubudala ibiphakathi kwabantu abangu-11 abashone esigamekweni sokudubulana ehostela laseSaulsville e-Atteridgeville, entshonalanga nePitoli, ezintatha zangoMgqibelo.

Bangaphezu kuka-20 abantu abadutshulwe kulesi sigameko esenzeke eshibhini elingekho emthethweni kuleli hostela.

Okhulumela amaphoyisa u-Athlenda Mathe ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa abhalise amacala angu-11 okubulala nangu-14 okuzama ukubulala.

UMathe uthe abathathu kwabashonile bekuyizingane ezincane, omncane uneminyaka emithathu kanti abanye abaneminyaka engu-12 no-16 ubudala. Ingane eneminyaka emithathu ubudala kuthiwa yingane yomnikazi weshibhini elingekho emthethweni.

"Sibikelwe ukuthi ingane eneminyaka emithathu ubudala empeleni iyingane yomnikazi, nokuyinto eyishwa impela. Ngakho-ke kukhona amalungu omndeni, ngicabanga ukuthi omunye wezingane uzalwa umnikazi. Ngakho-ke isimo esingesihle neze, kodwa sinokholo olugcwele kanye nokuthemba ithimba eselisunguliwe ukuthi lizofinyelela esiphethweni saleli cala," kusho uMathe.

Ngokusho kwamaphoyisa lesi sigameko senzeke ngabo-4 ekuseni.

"Abantu abayishumi bashonele endaweni yesigameko kwathi omunye washonela esibhedlela, ngakho-ke sinezisulu ezingu-14 ezisathola usizo lwezempilo esibhedlela," kusho uMathe. Umnikazi weshibhini ungomunye wababesesibhedlela.