UBUHOLI obusha beNacol
Image: NKOSIKHONA CELE
IHLOSE ukuguqula isimo isimo esingesihle abantu abaphila ngaphansi kwaso inhlangano esanda kusungulwa yezepolitiki, iNational Community Liberation (Nacol)Lokhu kudalulwe yiloyo ongumholi nomsunguli wale nhlangano, uMnuz Muzi Hlophe obekade ekhuluma ngesikhathi le nhlangano inengqungquthela yokukhatha kabusha kobuholi bayo, eMtubatuba.
Kule ngqungquthela uHlophe ubuyiselwe ngo-elethu kwesokuba nguMengameli wale nhlangano. KwesePhini likaMengameli kubuyiselwe uMnuz Lindokuhle Khumalo. Nabanye ebebesebuholini obuphezulu bale nhlangano babuyiseliwe.
Ekhuluma lapha uHlophe uthe le nhlangano ihlose kakhulu ukuthi ilekelele abantu baKwaZulu Natal ekubatakuleni kwizingqinamba ezahlukene abazithola bebhekene nazo.Eqhulwini uthe bafuna ukuthi kube khona abakwenzayo mayelana nengwadla yokugqoza kwamathuna omsebenzi.
Uthe lena yinkinga okumele kusukunywe kubhekwane nayo nje ngqo ngoba inomthelela ongemuhle KwaZulu Natal.
''Sizimisele kakhulu ngokuthi kube khona esikwenzayo ngenhloso yokubhekana nenkinga yabantu abasha abangasebenzi,''usho kanjena.
Ukhulume nangenkinga enkulu yokugqoza kwentuthuko uthe njengoba bezongenela ukhetho lwangonyaka ozayo uma kwenzeka kuhamba kahle bazimisele ngokuthi babe yisibani sentuthuko emphakathini.''Iqiniso ukuthi abantu bakithi bayadinga ukuthi babone intuthuko ifinyelala kubona ngoba bavota. Kule nhlangano sizimisele ngokuthi senze konke okusemandleni ukuze abantu bakithi bayithole intuthuko,''usho kanjena.
Ukhulume nangodaba lwenkohlakalo athe ibonakala idla lubi kakhulu kuleli. Uthe kuyimanje kukhona okufanele ngabe sebeboshiwe njengoba kuqhubeka iKhomishana kaMadlanga.
''Kuyimanje kufanele ngabe kukhona abantu asebeboshiwe, kodwa namanje kusathulekile. Lokhu akwamukelekile nje nhlobo. Kuleli qembu sikholwa ukuthi kumele bajeze bonke abantu abatholakala benecala,''usho kanje.
Uthe kulokoza inhlansi yethemba ngokuthi bazokwenza kahle okhethweni lwangonyaka ozayo. Uthe angeke balenze iphutha lokuthi bengazigcini izithembiso zabo uma kwenzeka bethola amavoti kubantu.
Related Topics: