Abafundi bakwaGrade 1 kuya ku-3 abaningi abakwazi ukufunda basheshe
Image: Karen Sandison/ Independent Media
KUBHIMBA uhlelo kubafundi bakwaGrade 1 kuya kuGrade 3 kuleli, njengoba ucwaningo loMnyango weMfundo eyisiSekelo luveze ukuthi ingxenye eningi yalaba bafundi ayikwazi ukufunda isheshe.
Ucwaningo oluvele ohlelweni iFunda Uphumelele olwethulwe nguNgqongqoshe woMnyango, uNksz Siviwe Gwarube, luveze ukuthi u-70% wabafundi abakulamabanga ababhekene nale nkinga.
Owenza ucwaningo emnyangweni, uDkt Nompumelelo Nyathi-Mohohlwane, uthe abafundi abathathu kwabangu-10, abakuGrade 1 no-3, yibona abakwazi ukufunda ngendlela elindelekile.
Uthe ngalo mbiko wocwaningo bahlose ukuphucula indlela abafundi abenza ngayo.
"Sifuna ukusheshe singenelele enkingeni yokungakwazi ukufunda kwezingane zisuka amadaka. Asifuni ukuyibamba ekugcineni sekuvele konakele."
Uthe bafuna ukusheshe bahlonze nabafundi abadinga usizo zisuka nje.
Ekhuluma ePitoli emva kokwethulwa kombiko, uNksz Gwarube, uthe sebenesithombe esigcwele sokukwazi ukufunda kwabafundi bakuleli ngazo zonke izilimi ezingu-11.
Uthe ucwaningo luzosiza ngoba bazokwazi ukusheshe balungise izinkinga zokungakwazi ukufunda kuleli.
"Sekunesikhathi sazi ukuthi abafundi abaningi abakuqondi abakufundayo kwa-Grade 3. Kodwa besingazi ukuthi lokhu kudalwa yini. Manje sesiyazi ukuthi inkinga ngukuthi abakwazi ukubona izinhlamvu okwenza bangakwazi ukufunda basheshe futhi bangakuqondi abakufundayo," usho kanje.
Uthe bagxile emazingeni amathathu okuqala ngoba yilapho behlose ukuqinisa khona, esisekelweni semfundo.
"Sifuna ukuthi bathi befika kwaGrade 4, babe sebeqonda abakufundayo. Uma singakwenzi lokhu siyokhala emazingeni aphezulu ekubeni singazange sinake lapho inkinga iqala khona," kuqhuba uNksz Gwarube.
Uveze ukuthi kubalulekile ukuthi abafundi bafunde nangolimi lwebele.
"Uma befunda ngolimi lwebele, bayakwazi ukuhlanganisa izinto kalula. Bayakwazi nokucabanga bese beqonda ukuthi kwenzekani. Uma befunda ngezinye izilimi abangazikhulumi emakhaya kuba nzima kakhulu."
Uthe kuningi okuhle okungaphuma uma bonke abafundi bengaqonda abakufundayo uma bephothula uGrade 3.
UNksz Gwarube uhlale ekuveza ukuthi akakhathazekile kakhulu ngemiphumela ka-matric, okunalokho ufuna ukuphucula ukufunda emazingeni aphansi.
Related Topics: